Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/06 k. 3
  • Uyisibonelo Kwabasha Nabadala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uyisibonelo Kwabasha Nabadala
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Wahamba NoNkulunkulu Weqiniso”
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • “Wahamba NoNkulunkulu Weqiniso”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Wagcinwa “Ephephile Nabanye Abayisikhombisa”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
km 5/06 k. 3

Uyisibonelo Kwabasha Nabadala

Wayesondelene noNkulunkulu enobuhlobo obufudumele naye. Ukuphila kwakhe wakusebenzisela ukwenza intando kaJehova. “Wahamba noNkulunkulu weqiniso” futhi wabusiswa ngokwenza kanjalo. Sikhuluma ngoNowa, isibonelo okufanele silingiswe kokubili abasha nabadala. (Gen. 6:9) I-video ethi Noah—He Walked With God iyokusiza ukuba ube nesithombe sokuthi ukuphila kwakunjani ngesikhathi sikaNowa, isizathu esenza wakufanelekela ukuthola isibusiso sikaJehova nokuthi wena ungazilingisa kanjani izimfanelo zakhe ezinhle.

Uhlelo lwe-DVD lwale video ethi Noah luhlanganisa isivivinyo esilandelayo. Yibuke le video bese uzibuza: (1) Yini engalungile eyenziwa ezinye izingelosi, futhi ayengobani amaNefili? (Gen. 6:1, 2, 4) (2) Kungani abantu baba babi kangako, futhi uNkulunkulu wazizwa kanjani ngalokho? (Gen. 6:4-6) (3) UNowa wayehluke kanjani? (Gen. 6:22) (4) Abantu ababi babhujiswa kanjani? (Gen. 6:17) (5) Wawungakanani umkhumbi? (Gen. 6:15) (6) Yini enye uNowa ayenza, futhi abantu basabela kanjani? (Math. 24:38, 39; 2 Pet. 2:5) (7) Zingaki izilwane zohlobo ngalunye ezazisemkhunjini? (Gen. 7:2, 3, 8, 9) (8) Imvula yana isikhathi eside kangakanani, futhi amanzi amboza umhlaba isikhathi esingakanani? (Gen. 7:11, 12; 8:3, 4) (9) Kungani uNowa nomkhaya wakhe basinda? (Gen. 6:18, 22; 7:5) (10) Umkhumbi wahlalaphi? (Gen. 8:4) (11) UNowa wazi kanjani ukuthi kwase kuphephile ukuba baphume emkhunjini? (Gen. 8:6-12) (12) Yini uNowa ayenza lapho ephuma? (Gen. 8:20-22) (13) Uthingo lumelelani? (Gen. 9:8-16) (14) Kusho ukuthini ‘ukuhamba noNkulunkulu’? (Gen. 6:9, 22; 7:5) (15) Yini okumelwe siyenze ukuze sibone uNowa ePharadesi? (Math. 28:19, 20; 1 Pet. 2:21)

Ukulandisa kweBhayibheli ngoNowa othembekile nolalelayo kukufundiseni mayelana nendlela nawe ‘ongahamba ngayo noNkulunkulu’ futhi uqiniseke ngokuthi uJehova uyakwazi ukukhulula abantu bakhe banamuhla?—Gen. 7:1; IzAga 10:16; Heb. 11:7; 2 Pet. 2:9.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela