Hlakulela Imikhuba Emihle, Uthole Izibusiso Ezicebile
1. Kungani kukuhle ukuhlola isimiso sakho esingokomoya?
1 Ngesikhathi uba umKristu, cishe wawuzikhandla ukuze ube nesimiso esihle sezinto ezingokomoya esasihlanganisa ukutadisha iBhayibheli, ukuthandaza, ukuya emihlanganweni yobuKristu nasenkonzweni yasensimini. Ngenxa yokuthi uJehova wayeyibusisa imizamo yakho, wakhula ngokomoya. Mhlawumbe manje usuneminyaka eminingi wabhapathizwa. Ingabe usenemikhuba engokomoya emihle owawunayo ngesikhathi uba umKristu?
2. Sizuza kanjani lapho sifunda iBhayibheli nsuku zonke?
2 Hlola Isimiso Sakho: Ingabe uyayifunda indima ethile yeZwi likaNkulunkulu usuku ngalunye? Yeka izibusiso ezicebile esizitholayo ngokwenza kanjalo! (Josh. 1:8; IHu. 1:2, 3) Kwa-Israyeli wasendulo, inkosi ngayinye kwakufanele ifunde ikhophi yayo yoMthetho “zonke izinsuku zokuphila kwayo.” Kwakuyizuzisa ngani lokho? Yayithobeka futhi ifunde ukwesaba uJehova ukuze ingaphambuki emiyalweni yakhe. (Dut. 17:18-20) Nanamuhla, ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kusisiza ukuba sihlale singasoleki futhi simsulwa kuleli zwe elibi elonakele. Kusisiza nokuba siyihlomele ngokugcwele inkonzo.—Fil. 2:15; 2 Thim. 3:17.
3. Yiziphi izibusiso esizithola ngokuya emihlanganweni njalo?
3 UJesu wayenomkhuba wokuya esinagogeni lapho kwakudingidwa khona imiBhalo. (Luka 4:16) Akungabazeki ukuthi lokhu kwamqinisa ukuba akwazi ukunqoba ukulingwa ayezobhekana nakho. Nathi siqiniswa imfundo engokomoya esiyithola emihlanganweni yebandla ‘nokukhuthazana’ okunempilo. (Roma 1:12) Ukuhlangana nabafowethu kusisiza ukuba sikhuthazelele ubunzima balezi zinsuku zokugcina. (Heb. 10:24, 25) Kusewumkhuba wakho yini ukuya kuyo yonke imihlangano?
4. Ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini isonto ngalinye kusizuzisa kanjani?
4 Ukulandisa okuphefumulelwe kusitshela ukuthi abaphostoli babememezela izindaba ezinhle “nsuku zonke ethempelini nasendlini ngendlu.” (IzEnzo 5:42) Nakuba singase singakwazi ukushumayela nsuku zonke, singakwenza yini umkhuba ukuhlanganyela ohlotsheni oluthile lwenkonzo isonto ngalinye? Uma senza kanjalo, ngokuqinisekile siyothuthukisa amakhono ethu okuphatha iZwi likaNkulunkulu, futhi cishe siyothola okuhlangenwe nakho okukhuthazayo lapho sitshela abanye iqiniso leBhayibheli.
5. Kungani kubalulekile ukuthandaza njalo kuJehova?
5 Umprofethi uDaniyeli wabusiswa ngokucebile ngokukhonza uJehova ‘ngokuqinisela’ ukuphila kwakhe konke. Lokhu kwakuhlanganisa umkhuba wokuthandaza njalo kuJehova. (Dan. 6:10, 16, 20) Ngokufanayo, uma sikhuluma njalo noJehova ngokusuka enhliziyweni, uyosibusisa asiphe umoya wakhe ongcwele. (Luka 11:9-13) Ngaphezu kwalokho, uJehova uyophendula ngokuthi asondele kithi, asivumele ukuba sibe nobuhlobo obuseduze naye. (IHu. 25:14; Jak. 4:8) Yeka umvuzo omkhulu! Ngakho-ke, kwangathi singazikhandla ukuze sihlale sinemikhuba engokomoya emihle futhi sithole izibusiso ezicebile ezivela kuJehova.