Ukushumayela Endlini Ngendlu
1. Imuphi umbuzo ophakamayo mayelana nenkonzo yendlu ngendlu, futhi ngani?
1 “Labo abangomakad’ ebona ekusakazeni iQiniso ngezindlela ezihlukahlukene bazovuma ukuthi njengamanje ukushumayela endlini ngendlu nge-MILLENNIAL DAWN iyona ndlela yokushumayela iQiniso ephumelela kunazo zonke.” Lawo mazwi e-Zion’s Watch Tower ka-July 1, 1893, aqokomisa ukubaluleka kwenkonzo yendlu ngendlu. Emhlabeni wonke abantu sebeyibheka njengomkhuba oFakazi BakaJehova abaphawuleka ngawo. Ingabe le ndlela isaphumelela, njengoba kwamanye amazwe kuya kuba nzima ukuthola abantu emakhaya?
2. Sinasiphi isisekelo esingokomBhalo sokushumayela endlini ngendlu?
2 KungokomBhalo Futhi Kubalulekile: Ukushumayela endlini ngendlu kusekelwe emiBhalweni. UJesu wayala abafundi abangu-70 ukuba baye ezindlini zabantu behamba ngababili. (Luka 10:5-7) Ngemva nje kokufa kukaJesu, iBhayibheli lithi ngabafundi bakhe: “Nsuku zonke ethempelini nasendlini ngendlu baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa, befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle.” (IzE. 5:42) Nomphostoli uPawulu wafundisa ngentshiseko endlini ngendlu.—IzE. 20:20.
3. Iziphi ezinye zezinzuzo zokushumayela endlini ngendlu?
3 Ukushumayela endlini ngendlu kusalokhu kuyindlela ebalulekile yokusakaza izindaba ezinhle namuhla. Kusenza sikwazi ‘ukufuna’ abafanelekayo ngendlela ehlelekile. (Math. 10:11) Ngokuvamile, abantu bakhululeka kakhudlwana lapho besekhaya. Ukukhuluma nabo bukhoma—sizwe amazwi abo, sibone isimo sobuso babo, sibone nendawo abahlala kuyo—kusenza sikwazi ukuphawula izinto abazithandayo nezibakhathazayo. Ngokuvamile kusinika ithuba elihle kakhulu lokuxoxa nabo senabe.
4. Yini esingayenza ukuze ukushumayela endlini ngendlu kuthele kakhudlwana?
4 Yenza Izinguquko Esimisweni Sakho: Umphostoli uPawulu wayezimisele ukwenza izinguquko ezithile “ngenxa yezindaba ezinhle.” (1 Kor. 9:23) Mhlawumbe singashintsha isimiso sethu ukuze sishumayele ngezikhathi lapho kunamathuba okuba sithole abantu abengeziwe emakhaya, njengantambama, ngezimpelasonto, noma ngamaholidi. Gcina umbhalo wabangekho emakhaya, bese uphinda ubazame ngosuku oluhlukile lwesonto noma ngesikhathi esihlukile sosuku.
5. Labo abahlushwa impilo bangahilelwa kanjani emsebenzini wendlu ngendlu?
5 Ngisho nalabo abahlushwa impilo bangase bakwazi ukuhlanganyela ekushumayeleni endlini ngendlu. Mhlawumbe singahlela ukuba bahambe nathi lapho siya emizini efinyeleleka kalula, okuyobenza bakwazi ukusebenza bengajahile. Ngenxa yephika, omunye udade kwakumthatha imizuzu engaba ngu-30 ukuya nje emzini owodwa. Kodwa yeka indlela ayezizwa ejabula futhi aneliseke ngayo ngemva kokushumayela nabazalwane!
6. Kungani kufanele sihlanganyele njalo ekushumayeleni endlini ngendlu?
6 Baningi abanjengezimvu abasalokhu betholakala emsebenzini wendlu ngendlu. Lapho omunye ummemezeli engqongqoza, kwathiwa: “Ngenani. Ngiyazi ukuthi ningobani. Bengithandaza kuNkulunkulu ngicela angilethele umuntu ongangisiza, nakhu sengizwa ningqongqoza. Ungizwile, wathumela nina.” Imiphumela ifakazela ukuthi uJehova uyayibusisa le ndlela yokushumayela. (Math. 11:19) Zimisele ukuhlanganyela njalo emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu.