Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/06 k. 1
  • IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sizophinda Sifunde Incwadi Ethi Umvuthwandaba WesAmbulo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngesipho Esisha
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • IsAmbulo—Izimfihlakalo Zembuliwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Ukumemezela ‘Amazwi Esiprofetho’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
km 11/06 k. 1

IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!

1 “Uyajabula lowo ofunda ngokuzwakalayo nalabo abezwa amazwi alesi siprofetho, futhi abagcina izinto ezilotshwe kuso; ngoba isikhathi esimisiwe siseduze.” (IsAm. 1:3) Lawo mazwi agcizelela ukubaluleka kwencwadi yesAmbulo, ikakhulu njengoba siphila esikhathini esimisiwe sokugcwaliseka kweziningi zeziprofetho zayo. Ngokufanelekayo, kusukela ngesonto lika-January 8, 2007, sizoqala ukufunda incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! eSifundweni Sencwadi Sebandla.

2 Isimo sezwe sesishintshe ngezindlela eziningi kusukela sagcina ukufunda incwadi Umvuthwandaba WesAmbulo eSifundweni Sencwadi Sebandla. (1 Kor. 7:31) Ngaphezu kwalokho, abaningi asebengabashumayeli bezindaba ezinhle zoMbuso abakaze bazuze engxoxweni yevesi nevesi yencwadi yesAmbulo. Ukufunda incwadi Umvuthwandaba WesAmbulo kufanele kusisize sonke ukuba sihlale siphaphamele izenzakalo ezizayo.—IsAm. 16:15.

3 Zimisele ukuba khona isonto ngalinye. Ukwaziswa esizokufunda kuzosisiza ukuba sihlale silindile. Ngaphezu kwalokho, imiyalezo kaJesu eya emabandleni ayisikhombisa izosisiza ukuba sigweme izimo ezingakhinyabeza ingokomoya lethu nezinga esihlanganyela ngalo enkonzweni.—IsAm. 1:11, 19.

4 Lungiselela Kahle: Ngaphambi kwesifundo sesonto ngalinye, funda amavesi encwadi yesAmbulo azocutshungulwa. Phawula indlela okusetshenziswa ngayo eminye imiBhalo ukuze kuchazwe la mavesi. Lwela ukuwaqonda ngendlela eyokufinyelela inhliziyo. (Neh. 8:8, 12) Zinike isikhathi sokuzindla nokuzibuza: ‘Kungitshelani lokhu ngoJehova nokugcwaliseka kwenjongo yakhe? Ngingenza kanjani ngokuvumelana nenjongo yakhe futhi ngisize abanye?’

5 Sekudlule iminyaka engu-92 kusukela kwaqala ‘usuku lweNkosi’ ngo-1914. (IsAm. 1:10) Izenzakalo ezinkulu ezabikezelwa encwadini yesAmbulo ziseduze kakhulu. Ukufunda incwadi Umvuthwandaba WesAmbulo kuzovuselela izinhliziyo nezingqondo zethu futhi kusiqinisekise ngokwengeziwe ngokuthi ‘impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ nezwe elisha kuseduze.—IsAm. 16:14; 21:4, 5.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela