Ingabe Uyalimelela IZwi LikaNkulunkulu?
1 Ezweni elivame ukululaza iBhayibheli, amaKristu eqiniso alisekela ngentshiseko iZwi likaNkulunkulu. Njengoba siqiniseka ukuthi “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu,” sivumelana noJesu Kristu owavuma kuJehova ngomthandazo: “Izwi lakho liyiqiniso.” (2 Thim. 3:16; Joh. 17:17) Singalimelela kanjani iZwi likaNkulunkulu ngokuphumelelayo?
2 Yazi ImiBhalo: Akungabazeki ukuthi uJesu wazikhandla ukuze alazi iZwi likaNkulunkulu. Lokhu kwamenza wakwazi ukufundisa ngemiBhalo phakathi nayo yonke inkonzo yakhe. (Luka 4:16-21; 24:44-46) Singayakha kanjani inqolobane ewusizo yemiBhalo esiyazi ngekhanda? Ngokufunda iBhayibheli nsuku zonke bese sizindla ngevesi esilithole likhuthaza noma liwusizo ngokukhethekile enkonzweni. Lapho silungiselela imihlangano, kufanele siyifunde ngokuqondile eBhayibhelini imiBhalo ekhonjiwe bese mhlawumbe silungiselela nempendulo esekelwe kuyo. Lapho sisemihlanganweni, kufanele sihambisane nesikhulumi emaBhayibhelini ethu njengoba sifunda imiBhalo. Ukwazi imiBhalo yeBhayibheli kuyosisiza ukuba ‘siphathe izwi leqiniso ngokufanele.’—2 Thim. 2:15.
3 Vumela IBhayibheli Likhulume: Lapho sisenkonzweni, kufanele sivumele iBhayibheli likhulume. Ngokwesibonelo, uma izimo zivuma, kufanele sizame ukufundela umninikhaya okungenani umBhalo owodwa. Uma ebuza noma ephikisa, kungcono kakhulu ukusebenzisa iBhayibheli lapho simphendula. Uma umninikhaya ematasa, singase sikwazi ukuveza iphuzu eliseBhayibhelini ngokuthi, “Ngaphambi kokuba ngihambe, ake ngikufundele lo mBhalo owodwa.” Njalo lapho kungenzeka, funda ngokuqondile eBhayibhelini, ucele umninikhaya ahambisane nawe njengoba ufunda.
4 Lapho omunye umninikhaya eboniswa imiBhalo ephikisa imfundiso kaZiqu-zintathu, wababaza, “Selokhu ngazalwa ngiyasonta, kodwa bengingazi nhlobo ukuthi iBhayibheli likhuluma kanje!” Wasamukela ngokungananazi isifundo seBhayibheli. UJesu wathi izimvu zakhe zaziyolilalela izwi lakhe. (Joh. 10:16, 27) Indlela engcono kakhulu yokuba abanhliziyo ziqotho babone iqiniso iwukuba bazibonele lona mathupha emiBhalweni. Ngakho-ke, masilimelele iZwi likaNkulunkulu leqiniso!