Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp20 No. 2 kk. 6-7
  • Ubani OyiNkosi YoMbuso KaNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubani OyiNkosi YoMbuso KaNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2020
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Kristu Ufaneleka Ngokuphelele
  • Ingabe UNkulunkulu Uzomisa Uhulumeni Ozobusa Umhlaba Wonke?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu? Izinto Esingabonisa Ngazo Ukuthi Siyawufuna
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Iqiniso NgoMbuso KaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2020
  • NgoMbuso KaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2020
wp20 No. 2 kk. 6-7
UJesu uguqile njengoba elapha owesifazane osekhulile. Abantu bobudala obuhlukahlukene beza kuye.

Ubani OyiNkosi YoMbuso KaNkulunkulu?

UNkulunkulu waqondisa abalobi abaningana beBhayibheli ukuba babhale imininingwane egagula lowo owayezoba iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Lo Mbusi

  • Wayezokhethwa uNkulunkulu. “Mina, yebo mina, ngiyimisile inkosi yami . . . [Ngizokunika] izizwe zibe yifa lakho nemikhawulo yomhlaba ibe yimpahla yakho.”​—IHubo 2:6, 8.

  • Wayezoba indlalifa yeNkosi uDavide. “Sizalelwe umntwana, siphiwe indodana . . . Ngeke kuphele ukuchichima kokubusa kwesikhulu kanye nokuthula, phezu kwesihlalo sobukhosi sikaDavide naphezu kombuso wakhe ukuze umiswe uqine.”​—Isaya 9:6, 7.

  • Wayezozalelwa eBhetlehema. “Bhetlehema . . . , kuwe ngiyophunyelwa ozoba umbusi . . . Uzoba mkhulu kuze kube semikhawulweni yomhlaba.”​—Mika 5:2, 4.

  • Wayezozondwa abantu futhi abulawe. “Wadelelwa, futhi sambheka njengongento yalutho. . . . [Wahlatshwa] ngenxa yeseqo sethu; [wachotshozwa] ngenxa yeziphambeko zethu.”​—Isaya 53:3, 5.

  • Wayezovuswa ekufeni futhi akhazinyuliswe. “Ngeke uwushiye umphefumulo wami [ethuneni]. Ngeke umvumele oqotho wakho abone igodi. . . . Kukhona okujabulisayo esandleni sakho sokunene kuze kube phakade.”​—IHubo 16:10, 11.

UJesu Kristu Ufaneleka Ngokuphelele

Kuwo wonke umlando wesintu, uyedwa kuphela umuntu ongena khaxa kule ncazelo engenhla yoMbusi ofanelekayo; lowo muntu nguJesu Kristu. Empeleni, ingelosi yakhuluma noMariya, umama kaJesu, yathi: “UNkulunkulu [uyomnika] isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise, . . . nombuso [wakhe] ngeke uphele.”​—Luka 1:31-33.

UJesu akazange abe inkosi emhlabeni. Kunalokho, uyobusa abantu esezulwini njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Yini emenza abe iNkosi efanelekayo? Cabanga ngalokho uJesu akwenza ngesikhathi esemhlabeni.

  • UJesu wayebasiza abantu. UJesu wasiza amadoda nabesifazane, abancane nabadala, kungakhathaliseki isizinda noma isikhundla sabo. (Mathewu 9:36; Marku 10:16) Ngesikhathi umuntu onochoko emncenga ethi: “Uma nje uthanda, ungangenza ngihlanzeke,” uJesu waba nesihawu futhi wamphulukisa.​—Marku 1:40-42.

  • UJesu wasifundisa indlela esingenza ngayo uNkulunkulu ajabule. Wathi: “Anikwazi ukuba yizikhonzi zikaNkulunkulu nezeNgcebo.” Waphinde wathi kumelwe siphathe abanye ngendlela esingathanda basiphathe ngayo​—okungamazwi aziwa ngokuthi uMthetho Wegolide. Ngaphezu kwalokho, wabonisa ukuthi uNkulunkulu akakhathaleli nje kuphela lokho esikwenzayo kodwa nendlela esicabanga ngayo nesizizwa ngayo. Ngakho ukuze senze uNkulunkulu ajabule, kumelwe silawule imizwa esezinhliziyweni zethu. (Mathewu 5:28; 6:24; 7:12) UJesu wagcizelela nokuthi ukuze sijabule ngempela, kumelwe sifunde ukuthi yini uNkulunkulu afuna siyenze, bese siyenza.​—Luka 11:28.

  • UJesu wafundisa ukuthi kusho ukuthini ukuthanda abanye. Amazwi kaJesu nezenzo zakhe zazinamandla futhi zazithinta izinhliziyo zalabo ababemlalela. “Izixuku zakhexa ngendlela yakhe yokufundisa; ngoba wayezifundisa njengomuntu onegunya.” (Mathewu 7:28, 29) Wabafundisa: “Thandani izitha zenu.” Waze ngisho wathandazela nabanye balabo ababenesandla ekufeni kwakhe: “Baba, bathethelele, ngoba abakwazi abakwenzayo.”​—Mathewu 5:44; Luka 23:34.

UJesu ukufanelekela ngokuphelele ukuba uMbusi womhlaba ophumelelayo, owusizo nonomusa. Kodwa uzoqala nini ukubusa?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela