IBhokisi Lemibuzo
◼ Yini okufanele uyenze lapho kuthiwa yeka ukushumayela?
Ngezinye izikhathi amaphoyisa aye atshela abamemezeli abathile ababeshumayela ukuthi baphula umthetho, abe esebatshela ukuba bayeke. Uma kuphakama isimo esinjalo kufanele uyeke ngokushesha nangokuzithoba futhi uhambe kuleyo nsimu uma kushiwo njalo. (Math. 5:41; Fil. 4:5) Ungazami ukulungisa isimo ngokuzama ukuveza amalungelo angokomthetho esinawo. Uma kungenzeka, ngokuhlakanipha thola igama nenombolo yebheji lephoyisa negama lesiteshi elisebenza kuso. Ngemva kwalokho yazisa abadala, bona bayothintana nehhovisi legatsha mayelana naleyo ndaba. Ngokufanayo, uma umphathi wesakhiwo noma othile onegunya ekucela ukuba uphume esakhiweni oshumayela kuso, kufanele wenze njalo bese utshela abadala ngokushesha. Indlela emnene neyokuzithoba yokusebenzelana nalabo abasemagunyeni ingafeza umsebenzi omkhulu ekugwemeni izinkinga ezingadingekile.—IzAga 15:1; Roma 12:18.