Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/10 k. 1
  • ‘Lezi Zindaba Ezinhle Ziyoshunyayelwa’!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Lezi Zindaba Ezinhle Ziyoshunyayelwa’!
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uyifeza Ngokugcwele Inkonzo Yakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Ukuqhubeka Nenkonzo Yethu Singayeki
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • UGideyoni Unqoba AbakwaMidiyani
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Ukuqinisa Ukwethembela Kwethu Ekulungeni KukaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
km 5/10 k. 1

‘Lezi Zindaba Ezinhle Ziyoshunyayelwa’!

1. Sazi kanjani ukuthi akukho okungavimba umsebenzi wokushumayela?

1 Akukho nokuncane okungavimba uJehova ekufezeni intando yakhe. (Isaya 14:24) Nakuba uMahlulel’ uGideyoni namadoda angu-300 ayekanye nawo babhekana nebutho lempi lakwaMidiyani labangu-135 000 okwakubonakala kungenakwenzeka ukulinqoba, uJehova wathi kuye: “Ngokuqinisekile uzomsindisa u-Israyeli entendeni yesandla sikaMidiyani. Angikuthumi yini?” (AbaHl. 6:14) Yimuphi umsebenzi osekelwa uJehova namuhla? UJesu wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe.” (Math. 24:14) Akekho oyowuvimba lo msebenzi ukuba ufezeke!

2. Kungani singalindela ukuba uJehova asisize ngabanye enkonzweni?

2 UJehova Usisiza Ngabanye: Nakuba siqiniseka ngokuthi uJehova uyokwenza oFakazi bakhe baphumelele njengeqembu, ingabe singalindela ukuba asisize ngabanye? Lapho edinga usizo, umphostoli uPawulu wabona ukuthi uJehova wayemsekela ngeNdodana yakhe, uJesu. (2 Thim. 4:17) Nathi ngokufanayo singaqiniseka ukuthi uJehova uyoyibusisa imizamo yethu ngabanye yokufeza intando yakhe.—1 Joh. 5:14.

3. UJehova usisiza ngaphansi kwaziphi izimo?

3 Ingabe izinkathazo zokuphila zansuku zonke zikushiya ungenamandla okwenza inkonzo? “[UJehova] unika okhatheleyo amandla.” (Isaya 40:29-31) Ingabe uyashushiswa noma uyaphikiswa? “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela.” (IHu. 55:22) Ingabe ngezinye izikhathi untula isibindi? “Hamba, mina ngokwami ngizoba nomlomo wakho.” (Eks. 4:11, 12) Ingabe unezinkinga zempilo ezikwenza ungahlanganyeli ngokugcwele enkonzweni? UJehova uyayazisa futhi angayisebenzisa imizamo yakho yomphefumulo wonke, kungakhathaliseki ukuthi mincane kangakanani.—1 Kor. 3:6, 9.

4. Ukumethemba kwethu uJehova kuyosithinta kanjani?

4 Isandla sikaJehova ‘seluliwe, ubani ongasibuyisela emuva?’ (Isaya 14:27) Njengoba siqiniseka ukuthi uJehova uyayibusisa inkonzo yethu, sengathi singaqhubeka singayekethisi ekushumayeleni “ngesibindi ngokugunyazwa uJehova.”—IzE. 14:3.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela