‘Lezi Zindaba Ezinhle Ziyoshunyayelwa’!
1. Sazi kanjani ukuthi akukho okungavimba umsebenzi wokushumayela?
1 Akukho nokuncane okungavimba uJehova ekufezeni intando yakhe. (Isaya 14:24) Nakuba uMahlulel’ uGideyoni namadoda angu-300 ayekanye nawo babhekana nebutho lempi lakwaMidiyani labangu-135 000 okwakubonakala kungenakwenzeka ukulinqoba, uJehova wathi kuye: “Ngokuqinisekile uzomsindisa u-Israyeli entendeni yesandla sikaMidiyani. Angikuthumi yini?” (AbaHl. 6:14) Yimuphi umsebenzi osekelwa uJehova namuhla? UJesu wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe.” (Math. 24:14) Akekho oyowuvimba lo msebenzi ukuba ufezeke!
2. Kungani singalindela ukuba uJehova asisize ngabanye enkonzweni?
2 UJehova Usisiza Ngabanye: Nakuba siqiniseka ngokuthi uJehova uyokwenza oFakazi bakhe baphumelele njengeqembu, ingabe singalindela ukuba asisize ngabanye? Lapho edinga usizo, umphostoli uPawulu wabona ukuthi uJehova wayemsekela ngeNdodana yakhe, uJesu. (2 Thim. 4:17) Nathi ngokufanayo singaqiniseka ukuthi uJehova uyoyibusisa imizamo yethu ngabanye yokufeza intando yakhe.—1 Joh. 5:14.
3. UJehova usisiza ngaphansi kwaziphi izimo?
3 Ingabe izinkathazo zokuphila zansuku zonke zikushiya ungenamandla okwenza inkonzo? “[UJehova] unika okhatheleyo amandla.” (Isaya 40:29-31) Ingabe uyashushiswa noma uyaphikiswa? “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela.” (IHu. 55:22) Ingabe ngezinye izikhathi untula isibindi? “Hamba, mina ngokwami ngizoba nomlomo wakho.” (Eks. 4:11, 12) Ingabe unezinkinga zempilo ezikwenza ungahlanganyeli ngokugcwele enkonzweni? UJehova uyayazisa futhi angayisebenzisa imizamo yakho yomphefumulo wonke, kungakhathaliseki ukuthi mincane kangakanani.—1 Kor. 3:6, 9.
4. Ukumethemba kwethu uJehova kuyosithinta kanjani?
4 Isandla sikaJehova ‘seluliwe, ubani ongasibuyisela emuva?’ (Isaya 14:27) Njengoba siqiniseka ukuthi uJehova uyayibusisa inkonzo yethu, sengathi singaqhubeka singayekethisi ekushumayeleni “ngesibindi ngokugunyazwa uJehova.”—IzE. 14:3.