“Ungesabi”
1. Yiziphi izinselele ezifana nezikaJeremiya esingase sibhekane nazo?
1 UJeremiya lapho ethunywa njengomprofethi, wazizwa engafaneleki. Kodwa uJehova wamqinisekisa: “Ungesabi,” futhi ngomusa wamqinisa ukuze afeze isabelo sakhe. (Jer. 1:6-10) Osukwini lwethu, amahloni nokungazethembi kungathinta indlela esihlanganyela ngayo enkonzweni. Ukwesaba indlela abantu abangase basabele ngayo noma basibheke ngayo, kungasenza sizigodle ngezinye izikhathi. Singakunqoba kanjani lokho kwesaba, futhi yiziphi izibusiso esingazithola?
2. Ukulungiselela kungasisiza kanjani ekunciphiseni ukwesaba kwethu enkonzweni?
2 Lungiselela Kusengaphambili: Ukulungiselela ngokwanele kungasisiza sinciphise ukwesaba. Ngokwesibonelo, uma sicabanga kusengaphambili ngalabo abazama ukuvimba ingxoxo, siyokulungela ukubaphendula ngezinto abavame ukuphikisa ngazo. (IzAga 15:28) Kungani ningasebenzisi izikhathi zokuprakthiza phakathi noKukhulekela Komkhaya ukuze nizihlomisele ukubhekana nezinselele ezihlukahlukene esikoleni nasenkonzweni?—1 Pet. 3:15.
3. Ukuthembela kuJehova kusisiza kanjani ukuba sinqobe ukwesaba?
3 Thembela KuJehova: Ikhambi eliqinisekile lokunqoba ukwesaba, ukuncika kuNkulunkulu. UJehova wasiqinisekisa ukuthi uyosisiza. (Isaya 41:10-13) Yeka ukuthi singakanani isivikelo esinaso! Ngaphezu kwalokho, uJesu wasiqinisekisa ngokuthi noma singabhekana nezimo ezingalindelekile, umoya ongcwele kaNkulunkulu ungasisiza sinikeze ubufakazi ngendlela efanele. (Marku 13:11) Ngakho-ke, cela uJehova akunike umoya wakhe ngaso sonke isikhathi.—Luka 11:13.
4. Yiziphi izibusiso ezitholakala ngokuphikelela enkonzweni naphezu kwezinselele?
4 Izibusiso: Njengoba siphikelela enkonzweni naphezu kwezinselele, siyaqiniswa ukuze sibhekane ngempumelelo novivinyo lwesikhathi esizayo. Siba nesibindi nokukhuthazela—okuyizimfanelo zalabo abanomoya ongcwele. (IzE. 4:31) Ngaphezu kwalokho, njengoba sinqoba ukwesaba ngosizo lukaJehova, siyoqinisa ukholo lwethu nokwethembela kwethu emandleni akhe okusindisa. (Isaya 33:2) Kanti futhi sithola injabulo nokwaneliseka ngokwazi ukuthi sijabulisa uBaba wethu wasezulwini. (1 Pet. 4:13, 14) Khona-ke, masingesabi ukumemezela isigijimi soMbuso ngesibindi, siqiniseka ngokuthi uJehova uzosisekela ngaso sonke isikhathi.