Kuzonikezwa Ubufakazi Obunamandla
1. Ngaphandle kwenkulumo, yini enye engase ibahlabe umxhwele abavakashile eSikhumbuzweni? Chaza.
1 Nini? Ngobusuku beSikhumbuzo. Kwenziwe umsebenzi omkhulu wokumema abantu ukuba babe kanye nathi kulesi senzakalo. Lokho abavakashile abakuzwayo akukhona nje kuphela okungabakhuthaza. Ngemva kokuba khona eSikhumbuzweni, owesifazane othile wakhuluma ngalokho akubona ngokukhethekile—ubungane babo bonke ababekhona nesakhiwo esihle esihlanzekile esakhiwa futhi sanakekelwa izisebenzi zokuzithandela. Ngakho, sonke, hhayi nje isikhulumi kuphela, sinengxenye ekunikezeni ubufakazi kulesi senzakalo esibaluleke kunazo zonke onyakeni.—Efesu 4:16.
2. Ngamunye wethu angabunikeza kanjani ubufakazi ezivakashini?
2 Zibingelele Ngemfudumalo Izivakashi: Ukumomotheka kwethu kuhlanganise nosawubona onemfudumalo kuyonikeza ubufakazi obuhle ezivakashini. (Joh. 13:35) Ngisho noma ungakwazi ukukhuluma nawo wonke umuntu, usengazethula ngokufudumele kulabo abahleli eduze kwakho. (Heb. 13:1, 2) Funa izivakashi ezibonakala sengathi azazi muntu. Kungenzeka zathola isimemo ngesikhathi somkhankaso. Ungase ubuze, “Ingabe niyaqala ukuza lapha?” Zimeme ukuba zihlale nawe futhi ukulungele ukuphendula noma imiphi imibuzo ezingase zibe nayo. Uma ibandla lenu kufanele liphume ngokushesha ukuze elinye lisebenzise ihholo, ungase uthi: “Ngingathanda ukwazi ukuthi nisithole sinjani isimiso. Ngingaxhumana kanjani nani?”
3. Singabamukela kanjani abapholile?
3 Yamukela Asebepholile: Akungabazeki ukuthi abamemezeli abapholile bazobe bekhona, kuhlanganise nalabo abazihlanganisa nebandla ngenkathi yeSikhumbuzo kuphela. Bamukele futhi ubatshele ukuthi ujabula ngempela ukubabona. (Roma 15:7) Ngokushesha ngemva kwalokho, abadala bangabavakashela ukuze babakhuthaze ukuba baqhubeke bezihlanganisa nebandla. Sithandazela ukuba abaningi abayobe bekhona bashukumiseleke ukudumisa uNkulunkulu hhayi kuphela ngenxa yalokho abakuzwayo kodwa nangenxa yalokho abakubonayo ‘ngenxa yemisebenzi yethu emihle abangofakazi bayo bokuzibonela.’—1 Petru 2:12.