Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/11 k. 4
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
km 9/11 k. 4

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-October

“Kulezi zikhathi ezinzima, sonke sibhekana nezinselele ezenza imikhaya icindezeleke. Ucabanga ukuthi singasitholaphi isiqondiso esinokwethenjelwa esingasisiza senze ukuphila kwemikhaya yethu kujabulise?” Lindela impendulo. Nika umninikhaya ikhophi ye-Nqabayokulinda ka-October 1, futhi nixoxe ngendaba esesihlokwaneni esisekhasini 16 no-17 kanye nomBhalo okungenani owodwa kwekhonjiwe. Mnikeze umagazini futhi uhlele ukubuya nizoxoxa ngomunye wemibuzo.

INqabayokulinda October 1

Mbonise isembozo sikamagazini bese ubuza, “Ungazizwa kanjani uma ungathola ukuthi uye wakhohliswa ngokuphathelene noNkulunkulu? [Lindela impendulo.] Phawula ukuthi uJesu wathini ngokuhlukanisa phakathi kweqiniso namanga. [Funda uJohane 17:17.] Ngakho iBhayibheli kuphela elisitshela iqiniso ngoNkulunkulu. Lo magazini ukhuluma ngezinto ezinhlanu ezingamanga ezivame ukushiwo ngoNkulunkulu kodwa iBhayibheli elizidalulayo.”

Phaphama! October

“Namuhla sinihambele ngokohlelo lwethu lwenkonzo yasobala esiyenzela imikhaya. Ucabanga ukuthi iyiphi inselele enkulu abazali ababhekana nayo namuhla lapho bekhulisa izingane? [Lindela impendulo.] Abazali abaningi bancika eBhayibhelini ukuze bathole iseluleko. Ngokwesibonelo, la mazwi ahlakaniphile ayasiza uma uyala izingane. [Funda eyabase-Efesu 4:31.] Lo magazini uyabonisa ukuthi iseluleko seBhayibheli singabasiza kanjani abazali kuzo zonke izigaba zokukhula kwengane, kusukela isewusana kuze kube yilapho yeva eshumini nambili.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela