Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/12 k. 1
  • Izizathu Eziyishumi Nambili Zokushumayela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izizathu Eziyishumi Nambili Zokushumayela
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lazise Ilungelo Lakho Lenkonzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Inkonzo Yethu—Ibonisa Uthando Lwethu NgoNkulunkulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Ukuqhubeka Nenkonzo Yethu Singayeki
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • “Qhubeka Uqaphela Inkonzo Owayamukela ENkosini”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
km 6/12 k. 1

Izizathu Eziyishumi Nambili Zokushumayela

Kungani sishumayela futhi sifundisa abantu izindaba ezinhle? Ingabe ngokuyinhloko kungenxa yokuthi sifuna ukusiza abanhliziyo ziqotho ukuba bangene endleleni eya ekuphileni? (Math. 7:14) Lokhu kuyisizathu sokuqala esibalwe ngezansi, kodwa akusona esiyinhloko. Kulezi zizathu ezingu-12 ezilandelayo zokushumayela, ucabanga ukuthi yisiphi esibaluleke kunazo zonke?

1. Kusiza ekusindiseni ukuphila kwabantu.—Joh. 17:3.

2. Kusiza ekuxwayiseni abantu ababi.—Hez. 3:18, 19.

3. Kunengxenye ekugcwalisekeni kwesiprofetho seBhayibheli.—Math. 24:14.

4. Kubonisa ukulunga kukaNkulunkulu. UJehova akanakusolwa ngokuthi ubhubhise abantu ababi engazange abanike ithuba lokuphenduka.—IzE. 17:30, 31; 1 Thim. 2:3, 4.

5. Kwenza sifeze isibopho sethu sokusiza abantu ngokomoya abathengwa ngegazi likaJesu.—Roma 1:14, 15.

6. Kwenza sigweme ukuba necala legazi.—IzE. 20:26, 27.

7. Kuyimfuneko kithi ukuze sisindiswe.—Hez. 3:19; Roma 10:9, 10.

8. Kubonisa uthando lwethu ngomakhelwane.—Math. 22:39.

9. Kubonisa ukulalela uJehova neNdodana yakhe.—Math. 28:19, 20.

10. Kuyingxenye yokukhulekela kwethu.—Heb. 13:15.

11. Kubonisa uthando lwethu ngoNkulunkulu.—1 Joh. 5:3.

12. Kunengxenye ekungcwelisweni kwegama likaJehova.—Isaya 43:10-12; Math. 6:9.

Yiqiniso, lezi akuzona zonke izizathu zokuba sishumayele. Ngokwesibonelo, ukushumayela kuqinisa ukholo lwethu futhi kusinika nelungelo lokuba yizisebenzi ezikanye noNkulunkulu. (1 Kor. 3:9) Kodwa, isizathu sokushumayela esibaluleke kunazo zonke esingunombolo 12. Kungakhathaliseki ukuthi abantu basabela kanjani, inkonzo inengxenye ekungcwelisweni kwegama likaNkulunkulu futhi inikeza uJehova impendulo kulowo omklolodelayo. (IzAga 27:11) Ngempela, sinezizathu ezinhle kakhulu ‘zokuqhubeka ngaphandle kokuyekethisa sifundisa futhi simemezela izindaba ezinhle.’—IzE. 5:42.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela