Ngaphambi Kokuba Nishumayele, Kungase Kudingeke Nifune
1. Kungani insimu yamabandla asezindaweni ezinezilimi eziningi yabiwa ngokwezilimi?
1 NgePhentekoste lika-33 C.E., ngemva kokwamukela umoya ongcwele, abafundi bakaJesu “baqala ukukhuluma ngezinye izilimi” nalabo ababekhona bevela ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba. (IzE. 2:4) Ngenxa yalokho, kwabhapathizwa abantu abangaba ngu-3 000. Ngokuthakazelisayo, kubonakala sengathi lukhona ulimi olwalukhulunywa yibo bonke ababehambele lowo mkhosi, okungaba isiHebheru noma isiGreki. Noma kunjalo, uJehova wakhetha ukuba isigijimi soMbuso sishunyayelwe kubo ngolimi abaluncela. Ngokungangabazeki esinye isizathu salokhu ukuthi ngokuvamile abantu basheshe basabele ezindabeni ezinhle uma bezizwa ngolimi lwabo. Ngakho-ke, namuhla, ezindaweni ezinezilimi eziningi, amabandla abelwa amasimu ngokwezilimi zawo. (Ukuhlelelwa, k. 107, izig. 2-3) Amaqembu ezilimi zakwamanye amazwe awanayo insimu ayabelwe, kodwa ashumayela kulabo abakhuluma ulimi lwawo ensimini yebandla abasebenzelana nalo nakweyamanye amabandla azungezile.
2. (a) Uyini umsebenzi wokufuna futhi kukuphi lapho ungase udingeke khona? (b) Amabandla angasizana kanjani ekusebenzeni insimu enezilimi ezihlukahlukene? (c) Yini okufanele siyenze uma sithola umuntu onesithakazelo okhuluma olunye ulimi?
2 Uma uhlala endaweni lapho bonke abantu bekhuluma ulimi olufanayo, kuba lula nje ukushumayela usuka kwenye indlu uye kwenye. Nokho, isimo singase sehluke uma uhlala endaweni enabantu abakhuluma izilimi ezihlukahlukene. Kungenzeka ukuthi amabandla ezinye izilimi ayashumayela kuyo le ndawo. Nakuba amabandla enganinika imininingwane yabantu abatholayo abakhuluma ulimi lwenu, ngokuyinhloko ibandla noma iqembu lenu linomthwalo wokuthola abantu enizoshumayela kubo. (Bheka ibhokisi elithi “Sizanani.”) Ngakho-ke, kungase kudingeke nibafune, ngokuba nibuze ukuthi ningabathola kuphi abantu abakhuluma ulimi oluthile. Ungenziwa kanjani lo msebenzi wokufuna?
3. Yini enqumayo ukuthi kukuphi lapho ibandla noma iqembu lifuna khona futhi singakanani isikhathi okufanele lisisebenzisele lokhu?
3 Ukuhlela Umsebenzi Wokufuna: Ukuthi singakanani isikhathi esisetshenziselwa umsebenzi wokufuna ezindaweni ezinezilimi ezihlukahlukene kuya ngezimo zendawo. Ngokwesibonelo, baningi kangakanani abantu abakhuluma lolo limi kuleyo ndawo? Kunabamemezeli abangaki lapho? Mangaki amakheli ibandla noma iqembu eselinawo kakade? Akudingeki ukuba ibandla lichithe isikhathi esilinganayo kuzo zonke izindawo elifuna kuzo kodwa lingakhetha ukugxila ezindaweni ezinabantu abaningi kakhulu ensimini yalo nasezindaweni ezingekude kangako. Kodwa, kubalulekile ukuba nohlelo oluhle lokufuna ukuze abaningi ngangokunokwenzeka bathole ithuba lokubiza igama likaJehova.—Roma 10:13, 14.
4. (a) Kufanele uhlelwe kanjani umsebenzi wokufuna? (b) Iziphi ezinye izindlela zokuthola abantu abakhuluma ulimi lwenu?
4 Ukuze kugwenywe ukufuna endaweni osekuke kwafunwa kuyo ngokungadingekile, indikimba yabadala, ngokuyinhloko umbonisi wenkonzo kufanele ahlele futhi aqondise lo msebenzi. (1 Kor. 9:26) Emaqenjini ezilimi zakwamanye amazwe, kungahola umzalwane ofanelekayo, okutuswa ukuba kube umdala noma inceku ekhonzayo ekhethwe indikimba yabadala yebandla elinakekela lelo qembu. Amabandla amaningi namaqembu anesimiso esihlelekile sokwendlalela lo msebenzi, mhlawumbe esebenzisa ibhuku lezinombolo zocingo noma i-Internet ukuze athole izibongo ezijwayelekile zalolo limi. Khona-ke, umsebenzi wokufuna ungabe sewenziwa ngokushaya ucingo noma ngokuhambela leyo mizi ukuze kunqunywe ukuthi imaphi amakheli okufanele anezelwe ensimini yebandla. Uma kufaneleka ukwenza kanjalo, indikimba yabadala yebandla elinakekela lelo qembu ingahlela ukuba lonke ibandla lihlanganyele kulo msebenzi ngezikhathi ezithile.—Bheka ibhokisi elithi “Indlela Yokuthola Abantu Abakhuluma Ulimi Lwenu.”
5. (a) Ikuphi okunye kokusikisela abamemezeli abangakusebenzisa lapho benza umsebenzi wokufuna? (b) Yini esingayisho kubantu lapho sifuna?
5 Isikhathi ngasinye lapho sihlanganyela emsebenzini wokufuna kufanele sibe nomgomo ocacile. Njengoba lo msebenzi uyingxenye yenkonzo, ngokuvamile kufanele sigqoke ngendlela efanelekile njengezikhonzi. Abaningi bathola ukuthi ukuprakthiza izintshumayelo zabo nokukhuluma lolo limi lapho befuna kuyabasiza balondoloze intshiseko bathuthukise nekhono labo lokulukhuluma. Singasibala isikhathi esisichitha sifuna kodwa hhayi isikhathi esisichitha sihlela amabalazwe ensimu nohlu lwabantu esibafunayo. Uma sithola umuntu okhuluma lolo limi, kufanele sizimisele ukuhlanganyela naye izindaba ezinhle bese sidlulisela lokho kwaziswa ngokushesha kumbonisi wenkonzo noma othile okhethwe nguye ukuze amarekhodi ensimu ahlale enokwaziswa kwamuva. Lokhu kufanele kwenziwe kungakhathaliseki ukuthi lowo muntu ubonise isithakazelo yini noma cha. Nakuba umsebenzi wokufuna ubalulekile, kufanele silinganisele futhi sihlanganyele kuzo zonke izici zenkonzo.—Bheka ibhokisi elithi “Lokho Ongakusho Emsebenzini Wokufuna.”
6. Ukufuna abayizithulu kunaziphi izinselele ezingajwayelekile?
6 Ukufuna Labo Abayizithulu: Ukufuna abantu abayizithulu kunezinselele ezingajwayelekile futhi kudinga ukuzikhandla okukhulu nokuphikelela. Umuntu oyisithulu akanakuchazwa ngokusho igama lakhe, ukusho indlela akheke ngayo noma ngezinto azigqokayo. Ngaphezu kwalokho, amalungu omndeni nabangane bangase bafune ukumvikela futhi bangabaze ukunikeza ummemezeli obuzayo imininingwane ephathelene naye. Lokhu kusikisela okulandelayo kokufuna abayizithulu kungaba usizo nasekufuneni abakwaziyo ukukhuluma.
7. (a) Yini esingayibuza ezindaweni okuhlalwa kuzo ukuze sithole abantu abayizithulu? (b) Singaziqeda kanjani izinsolo zomninikhaya?
7 Amabandla namaqembu olimi lwezandla aye aphumelela ekufuneni ezindaweni okuhlalwa kuzo. Kungenzeka umninikhaya uye wabona umakhelwane, umuntu asebenza naye noma afunda naye ekhuluma ngezandla. Kungenzeka uye waqaphela uphawu lomgwaqo oluxwayisa omakhelwane ukuthi kunezingane eziyizithulu endaweni. Mhlawumbe unesihlobo esiyisithulu. Khumbula ukuthi isizathu sokuhambela kwakho singase sisolise. Noma kunjalo, kuningi ongakwenza ukuze wenze umninikhaya akhululeke ngokuba nobungane obuqotho nangokunikeza incazelo emfushane, eqotho nebonisa inhlonipho. Abanye baye bathola imiphumela emihle ngokubonisa umninikhaya iBhayibheli noma amanye ama-DVD njengoba bembuza ukuthi ukhona yini umuntu oyisithulu amaziyo. Babe sebechaza ukuthi bafisa ukuxoxa ngethemba leBhayibheli nabantu abanjalo. Uma umninikhaya engabaza ukukhipha imininingwane, angase avume ukuthatha ikheli lakho noma isimemo semihlangano yebandla ukuze asidlulisele esihlotsheni sakhe noma kumngane oyisithulu.
8. Ibandla elingumakhelwane lingalisiza kanjani ibandla lolimi lwezandla?
8 Usuku olulodwa noma ezimbili ngonyaka, ibandla lolimi lwezandla lingase limeme ibandla elingumakhelwane lolunye ulimi ukuze lilisize ekufuneni endaweni ezungeze insimu yalo. Umhlangano wenkonzo oqhutshwa ibandla lolimi lwezandla ungase uhlanganise iziqondiso nomboniso wendlela yokwenza lo msebenzi. Iqembu ngalinye elihamba ngemoto lingabelwa ummemezeli okungenani oyedwa webandla lolimi lwezandla futhi linikezwe ibalazwe elibonisa indawo okufanele lifune kuyo ngokuqondile.
9. Abantu abayizithulu bangafunwa kanjani ezindaweni abahlangana kuzo bezozilibazisa noma bezothola izinkonzo eziwusizo?
9 Abantu abayizithulu bangafunwa nasezindaweni okwaziwayo ukuthi bavame ukuhlangana kuzo bezozilibazisa noma bezothola izinkonzo eziwusizo ezitholakala emphakathini. Abamemezeli kufanele bagqoke ngendlela efanelana naleso senzakalo. Kungaba ngcono ukuba siqaphe, sixoxe nomuntu oyedwa noma ababili kulabo abakhona kunokuvele sikhulume nalo lonke iqembu. Uma ingxoxo iba impumelelo, mhlawumbe singabe sesibanika imininingwane yethu nabo basinike eyabo.
10. Abamemezeli bangafuna kanjani emabhizinisini endawo?
10 Okunye okungenziwa ukuhlela amabalazwe abonisa amabhizinisi endawo bese ehanjelwa ngesikhathi esifanele. Elinye ibalazwe lingase libe namagalaji kaphethiloli. Elinye lingase libonise amalondolo, izitolo zokudlela, amahhotela noma olunye uhlobo lwebhizinisi. Uma ibalazwe ngalinye linohlobo olufanayo lwebhizinisi, abamemezeli bangasebenzisa indlela efanayo yokufuna ukuze bathuthukise ulwazi nekhono labo. Ngokwesibonelo, njengoba amahhotela evamile ukuhlalisa abantu abayizithulu, singase sichaze kafushane umsebenzi wethu kulowo owamukela izivakashi bese simnikeza ama-DVD ahambisana nezimemo zemihlangano yebandla ukuze kunikezwe izivakashi eziyizithulu. Kwamanye amabhizinisi singavele sibuze ukuthi zikhona yini izisebenzi noma amakhasimende asebenzisa ulimi lwezandla. Uma kunesikole sabayizithulu kuleyo nsimu, singase sisinikeze ama-DVD ethu ukuze afakwe emtatsheni wezincwadi.
11. Kungani umsebenzi wokufuna uyingxenye ebalulekile yenkonzo?
11 Umsebenzi Obalulekile: Ukuthola abaninikhaya abakhuluma ulimi lwakho kungase kube umshikashika. Ngaphezu kwalokho, isimo sensimu kwezinye izindawo singashintsha kungazelelwe njengoba abanye abantu bethutha futhi kufika abanye, okwenza kube nzima ukugcina amarekhodi ensimu anembile. Noma kunjalo, ziyanda izindawo lapho umsebenzi wokufuna uyingxenye ebalulekile yenkonzo. UJehova, osinikeze isabelo sokushumayela, akakhethi. (IzE. 10:34) ‘Intando yakhe iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.’ (1 Thim. 2:3, 4) Ngakho-ke, kwangathi singabambisana noJehova kanye nomunye nomunye ekutholeni abantu ‘abanenhliziyo enhle,’ bazo zonke izilimi.—Luka 8:15.
[Ibhokisi ekhasini 3]
Sizanani
Uma ibandla noma iqembu lingathanda ukuthola usizo ukuze lithole abantu elingabashumayeza abakhuluma ulimi lwalo, umbonisi wenkonzo angathinta abadala bamabandla ezinye izilimi angomakhelwane. Kungaba ngcono ukuthinta kuphela amabandla angekude kakhulu noma anensimu enabantu abaningi abakhuluma lolo limi. Amabandla athintiwe angabe esazisa abamemezeli ukuthi uma bethola umuntu okhuluma lolo limi, kufanele babhale ikheli lakhe bese belinikeza umbonisi wenkonzo ukuze alidlulisele ebandleni noma eqenjini elicele usizo. Ababonisi benkonzo bamabandla ahilelekile bangabe sebehlela indlela yokuhlanganisa insimu yezilimi ezihlukahlukene evumelana nawo wonke lawo mabandla futhi kuqondiswe abathakazelayo ebandleni noma eqenjini elifanele.
Uma abamemezeli bethola umuntu okhuluma olunye ulimi obonisa isithakazelo esiqotho (noma umuntu oyisithulu), kufanele basheshe bagcwalise ifomu elithi Siza Ulandelele (S-43) bese belinikeza unobhala webandla. Lokho kuyokwenza ukuba lowo muntu asheshe aluthole usizo olungokomoya.—Bheka i-km 5/11 k. 3.
[Ibhokisi ekhasini 4]
Indlela Yokuthola Abantu Abakhuluma Ulimi Lwenu
• Buza kwabanye abantu—Ofunda nabo iBhayibheli, amalungu omkhaya, osebenza nabo, njalonjalo.
• Sebenzisa ibhuku lezinombolo zocingo ukuze uthole izibongo ezijwayelekile kulolo limi. Kwezinye izimo uyakwazi ukubhala inombolo yocingo kuyi-Internet bese uthola imininingwane yomuntu noma uyithole enkampanini yezingcingo.
• Ngokuhlakanipha buza ezindaweni ezinikeza izinkonzo zomphakathi, njengasemitatsheni yezincwadi yendawo, amahhovisi kahulumeni nasemakolishi.
• Bheka izaziso emaphephandabeni ezimayelana nezenzakalo ezenzeka emphakathini ezihlelwe abantu bakwamanye amazwe.
• Vakashela izitolo namabhizinisi endawo anakekela izidingo zabantu abakhuluma ulimi lwakwelinye izwe.
• Ngemva kokuthola imvume yabaphathi, beka itafula lezincwadi endaweni yebhizinisi, enyuvesi noma ezikhungweni zezinto zokuhamba ezivame ukugcwala abantu abakhuluma lolo limi.
• Uma umthetho wezwe lakini uvuma, thenga ibhuku elinezinombolo zocingo zamabhizinisi noma uhlelo lwe-computer lokufuna ezindaweni ezisetshenziswa kakhulu abantu ezikuyi-Internet.
[Ibhokisi ekhasini 5]
Lokho Ongakusho Emsebenzini Wokufuna
Ukuxoxa ngendlela enobungane, eqotho nekhululekile kungenza abantu bakwethembe. Ngokuvamile kuyasiza ukuqale ukhiphe incwadi yalolo limi.
Ngemva kokubingelela, ungase uthi: “Sifuna abantu abakhuluma ․․․․․ ukuze sixoxe nabo ngethemba eliseBhayibhelini. Ukhona yini omaziyo esingaxoxa naye?”
Uma ufuna abayizithulu, ungase uthi: “Sawubona. Ngicela ukukubonisa okuthile. [Usebenzisa umshini wokudlala ama-video ophathwayo noma umakhalekhukhwini okwazi ukudlala ama-video, dlala ivesi leBhayibheli lolimi lwezandla.] Sinama-video amaningana atholakala mahhala alungiselelwe ukuhlangabezana nezidingo ezingokomoya zabantu abayizithulu. Ukhona omaziyo oyisithulu noma ongezwa kahle futhi osebenzisa ulimi lwezandla?” Uma umninikhaya engakhumbuli muntu, ngokuvamile kuhle ukumnikeza izibonelo zezindawo okungenzeka wake wambona kuzona umuntu oyisithulu, njengasemsebenzini, esikoleni noma endaweni yangakubo.