Bona Okuhle Ngomsebenzi Wakho Onzima
1. Yini enganciphisa intshiseko yethu ngenkonzo?
1 Umuntu wadalwa ngendlela yokuba “abone okuhle ngenxa yomsebenzi wakhe onzima.” (UmSh. 2:24) Nokho, lapho singayiboni imiphumela emihle enkonzweni yethu, ukudangala kungasiphuca injabulo futhi kunciphise intshiseko yethu. Yini engasisiza sihlale sinombono ofanele?
2. Kungani kungafanele silindele okukhulu mayelana nokusabela kwabantu enkonzweni?
2 Ungalindeli Okukhulu: Khumbula ukuthi nakuba bembalwa abasabela kuJesu, akungabazeki ukuthi inkonzo yakhe yaba impumelelo. (Joh. 17:4) Emfanekisweni wakhe womhlwanyeli, uJesu wabikezela ukuthi izinhliziyo eziningi zaziyogcina zingasamukelanga isigijimi soMbuso esinjengembewu. (Math. 13:3-8, 18-22) Noma kunjalo, imizamo yethu yokuzikhandla isafeza lukhulu.
3. Ekushumayeleni kwethu ‘singathela’ kanjani ngisho nalapho sithola ukusabela okungatheni?
3 Indlela Esithela Ngayo Izithelo Eziningi: Ngokomfanekiso kaJesu, labo abamukela isigijimi ‘babeyothela.’ (Math. 13:23) Ngemva kokuba isiqu sikakolo sihlumile futhi sakhula, asitheli iziqu zikakolo ezincane, kodwa sithela imbewu entsha. Ngakho izithelo ezithelwa amaKristu aphumelelayo azibona ngempela abafundi abasha, kodwa ziyimbewu yoMbuso ephindwe kaningi—ukukhuluma kwethu ngoMbuso. Lokhu kuphumela ‘ebuhleni’ obukhulu obusilethela ukwaneliseka, kungakhathaliseki ukuthi abantu bayasabela yini noma cha. Siba nesandla ekungcwelisweni kwegama likaJehova. (Isaya 43:10-12; Math. 6:9) Siba nelungelo lokuba izisebenzi ezikanye noNkulunkulu. (1 Kor. 3:9) “Isithelo sezindebe” esinjalo siyamjabulisa uJehova.—Heb. 13:15, 16.
4. Imiphi imiphumela inkonzo yethu engaba nayo singazi?
4 Ngaphezu kwalokho, kungenzeka singayiboni imiphumela yokuzikhandla kwethu. Kungenzeka ukuthi abanye abezwa uJesu eshumayela abazange babe abafundi bakhe kwaze kwaba ngemva kokuba eqede inkonzo yakhe yasemhlabeni. Ngokufanayo, imbewu yoMbuso esiyihlwanyela enhliziyweni yomuntu ingase ihlume futhi ikhule ngesinye isikhathi, futhi kungenzeka lowo muntu agcine elamukele iqiniso singazi. Ngempela, inkonzo yethu ifeza ubuhle obukhulu kakhulu. Ngakho-ke, kwangathi ‘singaqhubeka sithela izithelo eziningi’ futhi sizibonakalise singabafundi bakaJesu.—Joh. 15:8.