Lungiselela ISikhumbuzo Ngenhliziyo Ejabulayo
1. Inkathi yeSikhumbuzo iyisikhathi esibalulekile sokwenzani?
1 ISikhumbuzo esiyoba ngoLwesibili, ngo-March 26, sivula ithuba elihle kakhulu lokujabulela ilungiselelo likaNkulunkulu lensindiso. (Isaya 61:10) Ngisho nangaphambi kokuba ufike lo mkhosi, umoya wenjabulo uyosisiza siwulungiselele kahle. Kanjani?
2. Yini esishukumisela ukuba senze amalungiselelo okugubha iSikhumbuzo?
2 Ukulungiselela ISikhumbuzo: ISidlo SeNkosi Sakusihlwa siwumkhosi obalulekile kodwa ongenamicikilisho. Noma kunjalo, sidinga ukulungiselelwa kahle kusengaphambili ukuze kunakekelwe yonke imininingwane ebalulekile. (IzAga 21:5) Kumelwe kukhethwe isikhathi nendawo efanelekile. Kudingeka kutholakale nezifanekiselo ezifanele. Indawo okuzohlanganelwa kuyo kumelwe ihlanzwe futhi ilungiswe. Isikhulumi esabelwe kudingeka silungiselele kahle, kanti kumelwe kuhlelwe nabazohambisa izifanekiselo nabalindi. Akungabazeki ukuthi okuningi kwalokhu sekwenziwe kakade. Ukwazisa ngamandla esihlengo okusindisa kusishukumisela ukuba sisilungiselele kahle lesi senzakalo esingcwele.—1 Pet. 1:8, 9.
3. Inhliziyo yethu singayilungiselela kanjani iSidlo SeNkosi Sakusihlwa?
3 Ukulungisa Inhliziyo: Kubalulekile nokulungisa inhliziyo yethu ukuze sikwazise ngokugcwele ukubaluleka kweSikhumbuzo. (Ezra 7:10) Ngenxa yalokho, kufanele sizinike isikhathi sokufunda izingxenye zeBhayibheli ezikhethekile zenkathi yeSikhumbuzo bese sizindla ngezinsuku zokugcina zokuphila kukaJesu emhlabeni. Ukuzindla ngomoya kaJesu wokuzidela kuyosishukumisela ukuba simlingise.—Gal. 2:20.
4. Iyiphi inzuzo yesihlengo ekujabulisa kakhulu?
4 Ukufa kukaKristu kuphakamisa ubukhosi bukaJehova. Kusikhulula esonweni nasekufeni. (1 Joh. 2:2) Kusivulela indlela yokuba nokuthula noNkulunkulu neyokuthola ukuphila okuphakade. (Kol. 1:21, 22) Kusisiza nokuba sizimisele ngokuqinile ukuphila ngokuvumelana nokuzinikela kwethu kuJehova futhi sihlale siqinile njengabafundi bakaKristu. (Math. 16:24) Kwangathi injabulo yakho inganda njengoba ulungiselela futhi uba khona kulesi Sikhumbuzo!