Yini Esishukumisela Ukuba Sishumayele?
1. Luhlobana kanjani uthando nenkonzo yethu?
1 Ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kuwumsebenzi onenjongo ngaphezu kwayo yonke esingayenza namuhla. Empeleni, ngokwenza lo msebenzi sibonisa ukuthi siyayilalela imiyalo emibili emikhulu, othi, sithande uJehova nothi sithande omakhelwane bethu. (Marku 12:29-31) Uthando lungamandla ashukumisayo angasenza sibe izikhonzi ezishisekayo.—1 Joh. 5:3.
2. Ukushumayela kwethu kulubonisa kanjani uthando ngoJehova?
2 Uthando NgoJehova: Uthando ngo-Mngane wethu omkhulu, uJehova, lusishukumisela ukuba simmelele. Sekuyiminyaka engaba ngu-6 000 enyundelwa uSathane. (2 Kor. 4:3, 4) Ngakho-ke, abantu bakholelwa ukuthi uNkulunkulu uhlupha izoni esihogweni somlilo, unguZiqu-zintathu oyinqaba nokuthi akanandaba nabantu. Abaningi baze baphetha nangokuthi akekho. Yeka indlela esikulangazelela ngayo ukuba abantu bazi iqiniso ngoBaba wethu osezulwini! Ukuzikhandla kwethu ukuze sibe ofakazi bakhe kumjabulisa kakhulu kanti kuyamcasula uSathane.—IzAga 27:11; Heb. 13:15, 16.
3. Inkonzo yethu ilubonisa kanjani uthando ngomakhelwane?
3 Uthando Ngomakhelwane: Isikhathi ngasinye lapho sifakaza kothile, sibonisa ukuthi siyamthanda. Abantu bakudinga kakhulu ukuzwa izindaba ezinhle kulezi zikhathi ezibucayi. Abaningi bafana nabantu baseNineve bangosuku lukaJona ‘ababengawazi nhlobo umehluko phakathi kwesandla sabo sokunene nesobunxele.’ (Jona 4:11) Inkonzo yethu ifundisa abantu ukuthi bangaba kanjani nokuphila okujabulisayo nokuphumelelayo. (Isaya 48:17-19) Ibanika ithemba. (Roma 15:4) Uma belalela futhi bakusebenzise abakufundayo, ‘bayosindiswa.’—Roma 10:13, 14.
4. Yini uJehova angasoze ayikhohlwa?
4 Izingane ezinhle azigcini ngokubonisa uthando ngabazali bazo ngezikhathi ezihleliwe kuphela. Zilwela ukulubonisa ngaso sonke isikhathi. Ngokufanayo, uthando olujulile ngoNkulunkulu nangomakhelwane luyosishukumisela ukuba siphaphamele amathuba okufakaza ngaso sonke isikhathi, hhayi nje ngezikhathi ezihleliwe kuphela. Siyoshumayela ngaphandle kokuyekethisa. (IzE. 5:42) UJehova akasoze alukhohlwa uthando olunjalo.—Heb. 6:10.