Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/14 k. 1
  • Bheka Abaprofethi Njengesibonelo—UMika

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bheka Abaprofethi Njengesibonelo—UMika
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-33—UMika
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Siyohamba Ngegama LikaJehova Kuze Kube Phakade!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Izinceku ZikaJehova Zinethemba Langempela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Yini UJehova Ayilindele Kithi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
km 1/14 k. 1

Bheka Abaprofethi Njengesibonelo—UMika

1. Yimuphi umbuzo okungenzeka uMika wayezibuza wona, kodwa kungani umsebenzi wakhe wokushumayela wawungelona ize?

1 ‘Siyofika nini isiphelo salesi simiso sezinto esonakele?’ Kungenzeka ukuthi umprofethi uMika wayezibuza umbuzo ofanayo njengoba ayememezela isahlulelo sikaJehova ngokumelene nombuso wakwa-Israyeli nowakwaJuda. Yize kunjalo, umsebenzi wakhe wokushumayela awubanga yize. Ngo-740 B.C.E., ngesikhathi sikaMika, amazwi kaJehova ngokumelene neSamariya agcwaliseka. (Mika 1:6, 7) Kamuva, iJerusalema labhujiswa ngo-607 B.C.E. (Mika 3:12) Singamlingisa kanjani uMika njengoba silindele ukukhishwa kwezahlulelo zikaJehova namuhla?

2. Kungani kufanele sibonise ukubekezela njengoba silindele usuku lukaJehova futhi singakubonisa kanjani?

2 Bekezela: UMika waloba: “Mina, ngizohlala ngibheke uJehova. Ngizobonisa isimo sengqondo sokumlinda uNkulunkulu wensindiso yami.” (Mika 7:7) UMika akazange asonge izandla athi ulindele ukufika kwesiphelo. Wazigcina ematasa njengomprofethi kaJehova. Njengoba nathi silindele usuku lukaJehova, kufanele sibe matasa “ezenzweni zokuziphatha ezingcwele nasezenzweni zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.” (2 Pet. 3:11, 12) Ukubekezela kukaJehova kunikeza abantu ithuba lokuba baphenduke. (2 Pet. 3:9) Ngakho silalela iseluleko seBhayibheli sokulingisa isibonelo sabaprofethi sokubekezela.—Jak. 5:10.

3. Kungani kufanele sinxuse uJehova ukuba asiphe umoya wakhe ongcwele?

3 Thembela Emandleni KaJehova: Nakuba uMika ayenesabelo esinzima, wathembela kuJehova ukuze athole amandla okusifeza. (Mika 3:8) Yingakho iZwi likaJehova lisinxusa ukuba sincike kuNkulunkulu ukuze sithole amandla. Unikeza abakhathele amandla ngesandla esivulekile ukuze bakwazi ukufeza izabelo zabo ezingokwasezulwini. (IHu. 84:5, 7; Isaya 40:28-31) Ingabe uke wakubona lokhu enkonzweni yakho engcwele? Ingabe uthandaza njalo kuJehova ucele usizo lomoya wakhe ongcwele onamandla?—Luka 11:13.

4. Inkambo yokuphila kaMika isibekela siphi isibonelo esihle namuhla?

4 Ukwenza intando kaNkulunkulu kwakuyinto eza kuqala ekuphileni kukaMika. Wayezimisele ukuhlala ethembekile yize ayezungezwe ukuziphatha okubi. Ngendlela efanayo, ubuqotho bethu buvivinywa nsuku zonke. Kwangathi singazimisela ngokuqinile ‘ukuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube nini nanini.’—Mika 4:5.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela