U-August Uzoba Inyanga Ekhethekile Yokusebenza!
Kuzohanjiswa Ipheshana Elisha Emhlabeni Wonke
1. Yimuphi umkhankaso womhlaba wonke ozoba khona njengoba unyaka wekhulu wokuzalwa koMbuso usuzohlangana?
1 Unyaka wekhulu kusukela kwazalwa uMbuso kaNkulunkulu usuzohlangana. Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ngathi ukuba sidumise uJehova ngomkhankaso okhethekile! Ngo-August sizohambisa ipheshana elisha emhlabeni wonke elinesihloko esithi Singazitholaphi Izimpendulo Zemibuzo Ebalulekile Ekuphileni? Leli pheshana likhuthaza abafundi balo ukuba bafunde iBhayibheli ukuze bathole izimpendulo futhi lichaza indlela ingosi ethi jw.org engabasiza ngayo.
2. Singaba kanjani nengxenye ‘ekumemezeni okukhulu kokudumisa uJehova’ okuzoba khona ngo-August?
2 Ukumemeza Okukhulu Kokudumisa: Ukuze abamemezeli bakwazi ukwandisa inkonzo yabo, kwenziwe ilungiselelo lanoma ubani ofisa ukuba iphayona elisizayo ngo-August. Phakathi naleyo nyanga, abamemezeli bayokwazi ukuba amaphayona asizayo omgomo wamahora angu-30. Njengoba u-August enoLwesihlanu, uMgqibelo namaSonto amahlanu, abamemezeli abaningi abasebenzayo phakathi nesonto noma abasafunda isikole bazokwazi ukuba amaphayona asizayo. Uma ufundela umuntu othuthukayo noma ingane engathanda ukuba ummemezeli, khuluma nomxhumanisi wendikimba yabadala ngokushesha. Yeka indlela okungakhuthaza ngayo uma abanjalo bengashumayela nathi njengabamemezeli kule nyanga ebaluleke kangaka! Nakuba amaphayona avamile amaningi ephumula phakathi no-August ngemva kokuhlanganisa amahora ayimfuneko unyaka ngamunye, angase enze ushintsho esimisweni sawo ukuze ahlanganyele ngokugcwele kulo mkhankaso okhethekile. Manje isikhathi sokuba imikhaya ixoxe ngendlela ezohlanganyela ngayo ‘ekumemezeni okukhulu kokudumisa uJehova’ okuzoba khona ngo-August.—Ezra 3:11; IzAga 15:22.
3. Yini esinethemba layo ngokuqondene nalo mkhankaso okhethekile?
3 Nakuba sesike saba nemikhankaso enjengalona, sinethemba lokuthi lona uzoba ingqopha-mlando. Singakwazi yini ukufinyelela amanani aphakeme amasha amahora, abamemezeli namaphayona asizayo ngo-August? Njengoba unyaka wenkonzo ka-2014 uphela, kwangathi uJehova angabusisa imizamo yabantu bakhe emhlabeni wonke yokunikeza ubufakazi obukhulu kunabo bonke ngo-August!—Math. 24:14.