Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/14 k. 2
  • Bheka Abaprofethi Njengesibonelo—UNahume

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bheka Abaprofethi Njengesibonelo—UNahume
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-34—UNahume
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Amaphuzu Avelele Encwadi KaNahume, KaHabakuki NekaZefaniya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Insindiso Ingatholakala Lapho UNkulunkulu Eziphindiselela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Nahume Okuphakathi
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
km 9/14 k. 2

Bheka Abaprofethi Njengesibonelo—UNahume

1. Yini esiyifundayo encwadini kaNahume?

1 Amanxiwa aseNineve yasendulo awubufakazi bokuthi njengoba nje uNahume aprofetha, uJehova uyaziphindiselela ezitheni zaKhe nokuthi ngisho nezitha ezinamandla kakhulu ngeke zikwazi ukumelana naye. (Nah. 1:2, 6) Ukuhlolisisa isiprofetho sikaNahume kusinikeza izifundo esingazisebenzisa enkonzweni yethu.

2. Singasigcina kanjani isigijimi sethu sinikeza ithemba?

2 Nikeza Induduzo Nethemba: Uma uqala ukufunda incwadi kaNahume, ibonakala nje iyisimemezelo sokubhujiswa kweNineve, inhloko-dolobha eqhoshayo ye-Asiriya lasendulo. (Nah. 1:1; 3:7) Nokho, lesi simemezelo saba izindaba ezimnandi kubantu bakaJehova. UNahume, ogama lakhe lisho “uMduduzi,” waqinisekisa amaJuda akubo ngokuthi isitha sawo sasizobhujiswa maduzane! Waphinde wawaqinisekisa ngokuthi uJehova “uyisiphephelo ngosuku lokucindezeleka.” (Nah. 1:7) Njengoba sishumayela, nathi sihlanganyela nabanye izindaba ezinhle futhi sibakhuthaza ukuba bafune isiphephelo kuJehova.—Nah. 1:15.

3. Singamlingisa kanjani uNahume ekusebenziseni izibonelo nemifanekiso?

3 Sebenzisa Izibonelo Nemifanekiso: UJehova waphefumulela uNahume ukuba aqhathanise isiphetho seNineve nesomuzi waseGibhithe iThebes (iNo-amon), owawuke wabhujiswa i-Asiriya uqobo lwayo. (Nah. 3:8-10) Njengoba sikhuluma nabantu ngokuphela kwalesi simiso esibi sezinto, singaqokomisa iziprofetho zeBhayibheli ezibonisa ukuthi uJehova ulifeza njengoba linjalo izwi lakhe. Ngokwesibonelo, lapho abaseBhabhiloni namaMede behlasela umuzi waseNineve ngo-632 B.C.E., izimvula ezinkulu zabangela ukuba uMfula iTigris ugcwale uphuphume, okwabhidliza ingxenye yodonga lomuzi okwakungangeneki kulo. Kanjalo iNineve yathunjwa ngokushesha, njengoba nje uJehova ayebikezele.—Nah. 1:8; 2:6.

4. Singakhuluma kanjani ngendlela ecacile neqondakalayo enkonzweni?

4 Khuluma Ngendlela Ecacile Neqondakalayo: UNahume wayiloba ngobuciko obukhulu le ncwadi. Amaphuzu akhe ayecacile. (Nah. 1:14; 3:1) Ngokufanayo, nathi sifuna ukusebenzisa ulimi oluqondakala kalula. (1 Kor. 14:9) Ekuhambeleni kokuqala, chaza isizathu sokuhambela kwakho ngendlela ecacile. Njengoba ufunda iBhayibheli nabantu, basize babe nokholo kuJehova naseZwini lakhe futhi baqonde ukuthi bangakusebenzisa kanjani lokho abakufundayo.—Roma 10:14.

5. Yisiphi isiqinisekiso esisithola esiprofethweni sikaNahume?

5 Ukuthembela kukaNahume ekugcwalisekeni okungenakuphikwa kwezwi likaJehova kubonakala ngokucacile encwadini yeBhayibheli ebizwa ngegama lakhe. Njengoba ukuphela kwesimiso sikaSathane kusondela, sithola induduzo kulesi simemezelo saphezulu: “Usizi ngeke luvuke okwesibili.”—Nah. 1:9.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela