Phakathi Nale Nkathi Yesikhumbuzo, Ingabe Uzoyilingisa Intshiseko KaJehova NoJesu?
1. Yimuphi umzamo okhethekile oFakazi BakaJehova abawenzayo phakathi nenkathi yeSikhumbuzo?
1 UJehova uyifeza ngentshiseko injongo yakhe. Ibhekisela kwezinye zezibusiso zoMbuso kaNkulunkulu, incwadi ka-Isaya 9:7 ithi: “Intshiseko kaJehova wamabutho iyokwenza lokhu.” Ngokufanayo, phakathi nenkonzo yayo yasemhlabeni, iNdodana kaNkulunkulu yabonisa intshiseko enkulu ngokukhulekela kweqiniso. (Joh 2:13-17; 4:34) Unyaka ngamunye phakathi nenkathi yeSikhumbuzo, izigidi zabamemezeli emhlabeni wonke zenza umzamo okhethekile wokulingisa intshiseko kaJehova nekaJesu ngokwandisa inkonzo yazo. Ingabe uyoba phakathi kwazo?
2. Intshiseko izosishukumisela ukuba senzeni ekuqaleni kuka-March 7?
2 Umkhankaso WeSikhumbuzo: Umkhankaso walo nyaka wokumemela abantu eSikhumbuzweni uzoqala ngoMgqibelo, ngo-March 7. Hlela manje ukuhlanganyela ngentshiseko enkonzweni. Amabandla azojabula kakhulu njengoba ehlanganyela ekuhlanganiseni insimu eningi ngangokunokwenzeka. Yenza umzamo okhethekile wokumema ofunda nabo iBhayibheli, ophindela kubo, osebenza nabo, izihlobo nofunda nabo esikoleni ngokubanika isimemo noma usebenzise i-jw.org.
3. Singayandisa kanjani inkonzo yethu phakathi kuka-March no-April?
3 Ukuba Yiphayona Elisizayo: Intshiseko izosishukumisela nokuba sandise inkonzo yethu. Akungabazeki ukuthi abaningi bazokwazi ukuba amaphayona asizayo phakathi kuka-March no-April njengoba sizokwazi ukukhetha ukwenza umgomo wamahora angu-30. Phakathi nokukhulekela komkhaya noma esifundweni somuntu siqu, kucabangele ngomthandazo ukuthi ungakwenza kanjani lokhu? (IzA. 15:22) Intshiseko yakho ngalo mkhankaso ingakhuthaza abanye ukuba bashiseke. Uma wenza izinguquko ukuze wenze okwengeziwe enkonzweni, uyobe ulingisa intshiseko kaJesu.—Marku 6:31-34.
4. Yiziphi izinzuzo esizithola ngokulingisa intshiseko kaJehova nekaJesu?
4 Ukulingisa kwethu intshiseko kaJehova nekaJesu phakathi nale nkathi yeSikhumbuzo kuzosilethela izibusiso ezicebile. Abaningi ensimini bazoshunyayezwa. Sizothola injabulo nokwaneliseka okuza ngokukhonza uJehova nangokupha abanye. (IzE. 20:35) Okubaluleke nakakhulu, sizojabulisa uNkulunkulu wethu oshisekayo neNdodana yakhe.