Ukukhuthazana Ngentshiseko Emisebenzini Emihle
Incwadi yamaHebheru 10:24 isikhuthaza ukuba “sicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle.” Singakhuthaza abafowethu ngesibonelo sethu nangokholo esilubonisayo. Xoxela abanye ebandleni okuhlangenwe nakho kwakho okuhle. Benze bayibone injabulo onayo ngokukhonza uJehova. Ngesikhathi esifanayo, gwema ukubaqhathanisa ngokungafanele nawe noma nabanye. (Gal. 6:4) Zama ukusebenzisa amandla akho ukuze ukhuthaze abanye ukuba babe “nothando nemisebenzi emihle,” hhayi umuzwa wecala nemisebenzi emihle. (Bheka incwadi ethi ISikole Senkonzo, k. 158, isig. 4.) Uma sivuselelana othandweni, imisebenzi—njengokwenzela abanye izinto ezinhle noma ukushumayela—iyolandela.—2 Kor. 1:24.