Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukuhambisa Incwadi Ethi Okufundiswa IBhayibheli
Okwenza Kubaluleke: Incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli iyithuluzi eliyinhloko ebhokisini lethu lamathuluzi okufundisa. Nokho, ngaphambi kokuba siyisebenzisele ukufunda nomuntu, kumelwe simhambisele yona. Ngakho, sonke kufanele sizame ukuba nekhono lokuhambisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ensimini. (IzAga 22:29) Ziningi izindlela zokuyihambisa, ngakho abamemezeli kufanele basebenzise ezibasebenzelayo.
Zama Lokhu Phakathi Nenyanga:
Prakthizani phakathi nokukhulekela kwenu komkhaya.
Lapho usensimini, xoxela abanye ohlela ukukusho. (IzAga 27:17) Uma intshumayelo yakho ingaphumeleli, yishintshe.