Bheka Abaprofethi Njengesibonelo—UHabakuki
1. Kungani singase sizizwe ngendlela efana neyomprofethi uHabakuki?
1 Njengoba ububi esibhekene nabo ezweni banda, singase sizizwe njengoHabakuki, owabuza uJehova: “Kungani ungenza ngibone okulimazayo, futhi uqhubeka ubheke inkathazo nje?” (Hab. 1:3; 2 Thim. 3:1, 13) Ukuzindla ngesigijimi sikaHabakuki nangesibonelo sakhe sokwethembeka kungasiqinisa njengoba silindele usuku lukaJehova lokwahlulela.—2 Pet. 3:7.
2. Singabonisa kanjani ukuthi siphila ngokwethembeka namuhla?
2 Phila Ngokwethembeka: Kunokuba akhwantabaliswe ukuzidabukela, uHabakuki waqhubeka ephapheme ngokomoya futhi ekhuthele. (Hab. 2:1) UJehova wamqinisekisa lo mprofethi ukuthi izwi laKhe lalizogcwaliseka ngaso kanye isikhathi esifanele nokuthi “olungileyo, uyoqhubeka ephila ngokwethembeka kwakhe.” (Hab. 2:2-4) Kusho ukuthini lokho ngamaKristu asengene shí esikhathini sokuphela? Ukuqiniseka ngokuthi ukuphela kuzofika kubaluleke ngaphezu kokwazi ukuthi kuzofika nini. Ukholo lusishukumisela ukuba sihlale siphaphame futhi sigcine inkonzo iza kuqala.—Heb. 10:38, 39.
3. Kungani kumelwe silondoloze injabulo yethu ekukhonzeni uJehova?
3 Jabula NgoJehova: Lapho uGogi wakwaMagogi ehlasela abantu bakaJehova, ukholo lwethu luyovivinywa. (Hez. 38:2, 10-12) Impi ibangela ukuhlupheka, ngisho nakulabo abagcina benqobile. Ukudla kungase kube kuncane kakhulu, abantu balahlekelwe izinto zabo futhi izinga lokuphila lehle. Siyosabela kanjani lapho kuvela ubunzima? UHabakuki wayebulindele ubunzima, ngakho wazimisela ukulondoloza injabulo yakhe ekukhonzeni uJehova. (Hab. 3:16-19) “Injabulo kaJehova” nayo iyosisiza sikhuthazelele uvivinyo oluzayo.—Neh. 8:10; Heb. 12:2.
4. Iyiphi injabulo esingayithola manje nasesikhathini esizayo?
4 Labo uJehova ayobalondoloza ngosuku lwakhe lokwahlulela bayoqhubeka befundiswa indlela yakhe yokuphila. (Hab. 2:14) Nabavusiwe bayofunda ngoJehova. Namanje, kwangathi singasebenzisa wonke amathuba okukhuluma ngoJehova nangemisebenzi yakhe emangalisayo!—IHu. 34:1; 71:17.