AMAGUGU AVELA EZWINI LIKANKULUNKULU | JOBE 38-42
Ukuthandazela Abanye Kuyamjabulisa UJehova
UJehova wayelindele ukuba uJobe athandazele u-Elifazi, uBhilidadi noZofari
UJehova watshela u-Elifazi, uBhilidadi noZofari ukuba baye kuJobe futhi banikele ngomnikelo wokushiswa
Kwakulindeleke ukuba uJobe abathandazele
Ngemva kokuba uJobe ebathandazele, wabusiswa
UJehova wambusisa kakhulu uJobe ngenxa yokholo nokukhuthazela kwakhe
UJehova walususa uvivinyo lukaJobe, wamphulukisa
UJobe wathola induduzo yeqiniso kubangane nezihlobo ngakho konke ahlupheka ngakho
UJehova wabuyisela ingcebo kaJobe, wamnika okwakumlahlekele sekuphindwe kabili
UJobe nomkakhe baba nezinye izingane eziyishumi
UJobe waphila eminye iminyaka engu-140 futhi wabona isizukulwane sesine emndenini wakhe