AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | IZAGA 27-31
IBhayibheli Lichaza Umfazi Onekhono
Incwadi yezAga isahluko 31 iqukethe umyalezo osemqoka weNkos’ uLamuweli ovela kunina. Iseluleko sakhe esihlakaniphile safundisa uLamuweli indlela ayengambona ngayo umfazi onekhono.
Umfazi onekhono uthembekile
Unikeza amacebiso awusizo ezinqumweni ezenziwa emndenini kodwa ebe eqhubeka ethobekile
Umyeni wakhe uyamethemba ukuthi uzokwenza izinqumo ezihlakaniphile, ngakho akamphoqeleli ukuba athole imvume yakhe kuzo zonke izinto
Umfazi onekhono ukhuthele
Ufunda izindlela zokonga futhi uphila ngendlela elinganiselayo ukuze umndeni wakhe ugqoke ngendlela ecocekile nefanelekayo futhi ube owondleke kahle
Usebenza kanzima enakekela abendlu yakhe imini nobusuku
Umfazi onekhono ungumuntu ongokomoya
Wesaba uNkulunkulu futhi uhlakulela ubuhlobo obuhle naye