AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | ISAYA 34-37
Ukholo LukaHezekiya Lwavuzwa
USaneheribi inkosi yase-Asiriya wathumela uRabishake eJerusalema ukuba ayotshela lo muzi ukuthi mawuzinikele. Abase-Asiriya basebenzisa izinkulumo ezihlukahlukene ukuze enze amaJuda acele umaluju engalwanga.
Ukubenza bazizwe bebodwa. IGibhithe ngeke linisize.—Isaya 36:6
Ukubenza bangabaze. UJehova ngeke anilwele ngoba akajabule ngani.—Isaya 36:7, 10
Ukubesabisa. Ngeke nikwazi ukumelana nebutho lase-Asiriya elinamandla.—Isaya 36:8, 9
Ukubalinga. Ukuzinikela kwabase-Asiriya kuzothuthukisa ukuphila kwenu.—Isaya 36:16, 17
UHezekiya wabonisa ukholo olungantengantengi kuJehova
Wenza konke ayengakwenza ukulungiselela umuzi ukuvinjezelwa
Wathandaza kuJehova ecela ukuba abasindise, waqinisa nokholo lwabantu kuJehova
Ukholo lwakhe lwavuzwa lapho uJehova ethumela ingelosi ukuba ibulale amasosha ase-Asiriya angu-185 000 ngobusuku obubodwa