AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | OBADIYA 1–JONA 4
Funda Emaphutheni Owenzile
Indaba kaJona ibonisa ukuthi uJehova akasidubi lapho senza amaphutha. Noma kunjalo, ulindele ukuba sifunde emaphutheni esiwenzile futhi senze ushintsho oludingekayo.
Iliphi iphutha uJona alenza lapho uJehova emnika isabelo?
UJona wathandazelani, futhi uJehova wamphendula kanjani?
UJona wabonisa kanjani ukuthi wayefundile emaphutheni awenza?