UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Hlale Uphapheme Ngokomoya Futhi Umatasa Lapho Izimo Zakho Zishintsha
Asinakulugwema ushintsho, ikakhulukazi phakathi nalezi zinsuku zokugcina. (1Ko 7:31) Ushintsho lungaphazamisa indlela esikhonza ngayo uJehova nobuhlobo bethu naye, kungakhathaliseki ukuthi besilulindele noma cha, noma ukuthi wushintsho oluhle noma olungeluhle. Yini engasisiza ukuba sihlale siphapheme ngokomoya futhi simatasa phakathi nesikhathi lapho izimo zethu zishintsha? Bukela ividiyo ethi Ukuhlala Siqinile Ngokomoya Lapho Sithutha, bese uphendula imibuzo elandelayo:
Isiphi iseluleko omunye umfowethu asinika ubaba wekhaya?
Isimiso esitholakala kuMathewu 7:25 sisebenza kanjani emndenini?
Lo mndeni wakuhlelela kanjani kusengaphambili ukuthutha futhi lokhu kwawusiza kanjani?
Yini eyasiza lo mndeni ukuba uzivumelanise nezimo kokubili ebandleni kanye nasensimini?
Iluphi ushintsho olukhulu engiye ngabhekana nalo muva nje?
Ngingazisebenzisa kanjani ekuphileni kwami izimiso ezitholakala kule vidiyo?