Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb18 Januwari k. 6
  • UJesu Wayebathanda Abantu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Wayebathanda Abantu
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
mwb18 Januwari k. 6
UJesu welapha onochoko

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 8-9

UJesu Wayebathanda Abantu

Incwadi kaMathewu isahluko 8 no-9 ikhuluma ngenkonzo kaJesu endaweni yaseGalile. Lapho uJesu elapha abantu, wabonisa amandla akhe, kodwa okubaluleke nakakhulu wabonisa ukuthi ubathanda kakhulu abantu futhi uyabazwela.

  1. Imizi yaseGalile lapho uJesu alapha khona abantu

    UJesu waphulukisa umuntu owayenochoko.—Math 8:1-3

  2. UJesu waphulukisa inceku yesikhulu sebutho.—Math 8:5-13

    Waphulukisa umkhwekazi kaPetru.—Math 8:14, 15

    Waxosha amademoni, welapha nabantu ababegula.—Math 8:16, 17

  3. UJesu waxosha amademoni ayenamandla ngendlela engavamile, wawafaka emhlanjini wezingulube.—Math 8:28-32

  4. UJesu waphulukisa umuntu owayekhubazekile.—Math 9:1-8

    Welapha owesifazane owathinta ingubo yakhe, wavusa indodakazi kaJayiru eyayifile.—Math 9:18-26

    Welapha izimpumputhe nezimungulu.—Math 9:27-34

  5. UJesu wayehamba emadolobheni nasemizini, elapha yonke inhlobo yesifo nayo yonke inhlobo yobuthakathaka.—Math 9:35, 36

Ngingababonisa kanjani abantu engiphila nabo uthando olwengeziwe nomusa?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela