Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb18 Febhuwari k. 3
  • Umfanekiso Kakolweni Nokhula

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umfanekiso Kakolweni Nokhula
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Insimu Eveza Amabele Nokhula
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • “Abalungileyo Bayokhanya Ngokukhazimulayo Njengelanga”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • “Bhekani! Nginani Izinsuku Zonke”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
mwb18 Febhuwari k. 3

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 12-13

Umfanekiso Kakolweni Nokhula

UJesu wasebenzisa ukolweni nokhula lapho efanekisa inqubo eyayizoqala ngo-33 C.E, ukuze abonise ukuthi wayeyowakhipha nini futhi kanjani amaKristu agcotshiwe ayisigaba sikakolweni kuso sonke isintu.

Ishadi elibonisa ukuhlwanyela, ukuvuna nokubuthela enqolobaneni

13:24

‘Umuntu othile wahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe’

  • Umhlwanyeli: UJesu Kristu

  • Kuhlwanyelwa imbewu enhle: Abafundi bakaJesu bagcotshwa ngomoya ongcwele

  • Insimu: Abantu

13:25

“Ngesikhathi abantu besalele, isitha sakhe safika sahlwanyela ukhula”

  • Isitha: UDeveli

  • Abantu besalele: Ukufa kwabaphostoli

13:30

“Kuyekeni kukhule ndawonye kokubili kuze kube sekuvuneni”

  • Ukolweni: AmaKristu Agcotshiwe

  • Ukhula: AmaKristu Mbumbulu

‘Buthani ukhula kuqala, bese nibutha ukolweni’

  • Izinceku/abavuni: Izingelosi

  • Kubuthwa ukhula: AmaKristu mbumbulu ahlukaniswa kumaKristu agcotshiwe

  • Ukubuthela enqolobaneni: AmaKristu agcotshiwe abuthelwa ebandleni elakhiwe kabusha

Lapho kuqala inkathi yokuvuna, yini eyahlukanisa amaKristu angempela kumaKristu mbumbulu?

Ngizuza kanjani ngokuqonda lo mfanekiso?

INGABE BEWAZI?

Ukolweni nokhula kukhula ndawonye

Ngokuvamile, kucatshangwa ukuthi ukhula okukhulunywa ngalo kulo mfanekiso luyi-bearded darnel, okuyisitshalo esinobuthi esicishe sifane nokolweni lapho sisahluma. Uma ukolweni nokhula kukhula ndawonye, izimpande zako ziyahlangana, okwenza kube nzima kakhulu ukususa ukhula kungasiphulekanga nokolweni. Lapho ukhula, noma i-bearded darnel, selukhulile, ungakwazi ukulubona kalula futhi ulusiphule.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela