AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | JOHANE 20-21
“Uyangithanda Na Ngaphezu Kwalezi?”
Ngezikhathi zeBhayibheli, abadobi abaphumelelayo babenesineke, besebenza kanzima futhi bezimisele ukukhuthazelela ubunzima ukuze babambe izinhlanzi eziningi. (w12 8/1 18-20) Lokhu kwakungamsiza uPetru ukuba abe umdobi wabantu ophumelelayo. Nokho, uPetru kwakudingeka anqume ukuthi yini eyayizoza kuqala ekuphileni kwakhe—umsebenzi wokuziphilisa ayewujabulela noma umsebenzi wokusiza abalandeli bakaJesu ukuba basondelane noNkulunkulu.
Yiluphi ushintsho osulenzile ukuze wenze uMbuso uze kuqala ekuphileni kwakho?