UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Yenza Isikhathi Sakho Sokutadisha Sizuzise Nakakhulu
KUNGANI KUBALULEKILE: Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu kusisiza ‘siqonde ngokuphelele ububanzi nobude nokuphakama nokujula’ kwamaqiniso. (Efe 3:18) Kusisiza nokuba sihlale singenabala futhi singenasici kuleli zwe elonakele, ‘silibambe ngokuqinile izwi lokuphila.’ (Fil 2:15, 16) Lapho sizitadishela iZwi likaNkulunkulu siyakwazi ukukhetha izincwadi ezizosisiza. Yini esingayenza ukuze sizuze nakakhulu lapho sifunda noma sitadisha iBhayibheli?
INDLELA YOKUKWENZA:
Lapho ufunda iBhayibheli elinyathelisiwe noma elisemshinini wezobuchwepheshe, dwebela amavesi, ubhale namaphuzu kulo
Njengoba ufunda iZwi likaNkulunkulu zibuze le mibuzo: ‘Ubani? Yini? Nini? Kuphi? Kungani? Kanjani?’
Funa imininingwane. Bheka isihloko noma ivesi leBhayibheli usebenzisa amathuluzi okucwaninga akhona
Zindla ngalokho okufundayo ukuze ubone indlela okukuthinta ngayo
Kusebenzise ekuphileni kwansuku zonke lokho okufundayo.—Luka 6:47, 48
BUKA IVIDIYO ETHI “LIBAMBE NGOKUQINILE”—NGOKUTADISHA NGEZINDLELA EZIPHUMELELAYO, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:
Abanye baye basichaza kanjani isikhathi sabo sokutadisha?
Kungani kufanele siqale ngomthandazo njalo lapho sizotadisha?
Yini engasisiza siliqonde kangcono ivesi leBhayibheli?
Izimpawu ezinjani esingase sizifake eBhayibhelini esitadisha ngalo?
Kungani kubalulekile ukuzindla lapho utadisha iZwi likaNkulunkulu?
Kufanele senzenjani ngalokho esikufundayo?
“Yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! Uyinto engiyikhathalela usuku lonke.”—IHu 119:97