AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 2 THESALONIKA 1-3
Ukwambulwa Kwalowo Ongenamthetho
UPawulu wayekhuluma ngani kula mavesi?
‘Into evimbelayo’ (ivesi 6)—Cishe abaphostoli
‘Ukwambulwa’ (ivesi 6)—Ngemva kokufa kwabaphostoli, amaKristu ayizihlubuki aphumela obala ngezenzo zawo zobuzenzisi nangezimfundiso zamanga
“Imfihlakalo yalokhu kungabi namthetho” (ivesi 7)—Ngosuku lukaPawulu abantu babengazi ukuthi ubani lowo “ongenamthetho”
“Ongenamthetho” (ivesi 8)—Namuhla lowo “ongenamthetho” yiqembu labefundisi belobukholwa
‘INkosi uJesu iyomqeda lowo [ongenamthetho] . . . ngokubonakaliswa kokuba khona kwayo’ (ivesi 8)—UJesu uyobonakalisa ukuba khona kwakhe njengeNkosi yasezulwini ngokubhubhisa isimiso sezinto sikaSathane ‘nongenamthetho’ ngokuvumelana nesahlulelo sikaJehova.
La mavesi akukhuthaza kanjani ukuba ushumayele ngentshiseko nangomuzwa wokuphuthuma?