AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | THITHU 1–FILEMONI
‘Misa Amadoda Amadala’
UThithu wayalwa ukuba ‘amise amadoda amadala emzini ngomuzi.’ Le ndlela okwakwenziwa ngayo ngesikhathi seBhayibheli iyalandelwa namuhla lapho ababonisi bezigodi bemisa abadala nezinceku ezikhonzayo emabandleni.
INDIKIMBA EBUSAYO
Ilandela lokho okwakwenziwa ngekhulu lokuqala, iNdikimba Ebusayo inikeza ababonisi bezigodi umsebenzi obaluleke kakhulu wokumisa abadala nezinceku ezikhonzayo.
ABABONISI BEZIGODI
Umbonisi wesigodi ngamunye kufanele akucabangele ngokucophelela nangosizo lomthandazo lokho okutuswa abadala bese emisa amadoda afanelekayo.
ABADALA ABAMISIWE
Ngisho nangemva kokuba bemisiwe, abadala kumelwe baqhubeke benezimfanelo eziboniswe eBhayibhelini.