UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ulithanda Kangakanani IZwi LikaNkulunkulu?
IBhayibheli linemicabango namazwi kaJehova uNkulunkulu, uMlobi wale ncwadi engcwele. (2Pet 1:20, 21) Linikeza wonke umuntu ithemba lekusasa elingcono ngokugcizelela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uzofakazela ukuthi uNkulunkulu nguye okufanele abuse. IBhayibheli liphinde liveze ubuntu obuhle bukaBaba wethu osezulwini, uJehova.—IHu 86:15.
Ngamunye wethu unezizathu zakhe ezenza alithande iZwi likaJehova. Kodwa siyabonisa yini ukuthi siyasithanda lesi sipho esiyigugu ngokulifunda njalo iBhayibheli nangokukusebenzisa ekuphileni kwethu lokho esikufundayo? Kwangathi izenzo zethu zingabonisa ukuthi sizizwa njengomhubi owathi: “Yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho!”—IHu 119:97.
BUKELA IVIDIYO ETHI BABHEKA IBHAYIBHELI NJENGELIYIGUGU—ISIQEPHU (UWILLIAM TYNDALE), BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Kungani uWilliam Tyndale azihumusha izingxenye zeBhayibheli?
Kungani imizamo yakhe yokuhumusha iBhayibheli iphawuleka?
Amakhophi eBhayibheli likaTyndale ashushumbiselwa kanjani eNgilandi?
Ngamunye wethu angabonisa kanjani ukuthi uyalithanda iZwi likaNkulunkulu?