UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ingabe Ukulungele?
Ingabe ukulungele ukugadla kwenhlelele yemvelo endaweni ohlala kuyo? Ukuzamazama komhlaba, iziphepho, imililo yasemahlathini nezikhukhula kungagadla ngokuphazima kweso futhi kudale umonakalo omkhulu. Ngaphezu kwalokho, ukuhlasela kwamaphekula, izinxushunxushu nezifo ezingumashay’ abhuqe kungenzeka noma kuphi kungalindelekile. (UmSh 9:11) Akufanele sicabange ukuthi izinto ezinjalo ngeke zenzeke lapho esihlala khona.
Ngamunye wethu kufanele enze izinto ezidingekayo ukuze alungele ukugadla kwenhlekelele yemvelo. (IzA 22:3) Nakuba inhlangano kaJehova isisiza lapho kube nenhlekelele yemvelo, lokho akusho ukuthi akufanele sizilungiselele.—Gal 6:5
BUKELA IVIDIYO ETHU INGABE UKULUNGELE UKUBHEKANA NENHLEKELELE YEMVELO? BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Ukuba nobuhlobo obuqinile noJehova kungasisiza kanjani lapho kugadla inhlekelele?
Kungani kubalulekile ukuba . . .
• sihlale sixhumane nabadala ngaphambi, phakathi nangemva kwenhlekelele?
• sizilungiselele isikhwama sezimo eziphuthumayo?—g17.5 6
• sixoxe ngezinhlobo zezinhlekelele ezingase zenzeke nalokho esingakwenza esimweni ngasinye?
Iziphi izindlela ezintathu esingasiza ngazo abanye lapho behlelwa inhlekelele?