AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | EKSODUSI 10-11
UMose No-Aroni Babonisa Isibindi
UMose no-Aroni babonisa isibindi esikhulu lapho bekhuluma noFaro, owayeyindoda enamandla emhlabeni wonke ngaleso sikhathi. Basizwa yini? Ngokuphathelene noMose, iBhayibheli lithi: “Ngokholo washiya iGibhithe, kodwa engayesabi intukuthelo yenkosi, ngoba waqhubeka egxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali.” (Heb 11:27) UMose no-Aroni babenokholo oluqinile kuJehova futhi bathembela kuye.
Yiziphi izimo ezingenza kudingeke ubonise ukholo lwakho ngesibindi kumuntu osegunyeni?