UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Yini Esingayifunda Endalweni Ngokuba Nesibindi?
UJehova usifundisa ukubonisa ubuntu obunjengobakhe esebenzisa izibonelo zamadoda nabesifazane abaseBhayibhelini. Nokho, sifunda izifundo ezibalulekile nasendalweni. (Jobe 12:7, 8) Yini esingayifunda ebhubesini, ehhashini, kuchakide, ku-hummingbird nasendlovini ngokuba nesibindi?
BUKELA IVIDIYO ETHI FUNDA UKUBA NESIBINDI ENDALWENI, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:
Amabhubesi ensikazi asibonisa kanjani isibindi lapho evikela amawundlu awo?
Aqeqeshwa kanjani amahhashi ukuze abe nesibindi empini?
Kungani uchakide engazesabi izinyoka ezinobuthi?
Izinyoni ezincane ezibizwa ngokuthi ama-hummingbird zisibonisa kanjani isibindi?
Izindlovu zizivikela kanjani ngesibindi ezinye izindlovu ezisemhlanjini?
Lezi zilwane zikufundisani ngokuba nesibindi?