AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | EKSODUSI 21-22
Yiba Nombono Ofana NokaJehova Ngokuphila
Ukuphila kuyigugu kuJehova. Singabonisa kanjani ukuthi nathi sinombono ofana nowakhe?
Lwela ukuba nothando olusuka enhliziyweni futhi uhloniphe abanye abantu.—Math 22:39; 1Joh 3:15
Bonisa lolu thando ngokuthi ushiseke enkonzweni.—1Ko 9:22, 23; 2Pet 3:9
Bonisa ukuthi ukuphepha kuyinto ebaluleke kakhulu kuwe.—IzA 22:3
Ukuhlonipha ukuphila kuhlobene kanjani nokungabi necala legazi?