UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Gwema Ukusakaza Amanga
Namuhla, ulwazi lungasakazwa kubantu abayizigidi ngokushesha okukhulu kusetshenziswa izinto eziphrintiwe, irediyo, ithelevishini ne-inthanethi. Labo abakhonza ‘uNkulunkulu weqiniso’ abafuni ukusakaza amanga ngisho noma bengaqondile. (IHu 31:5; Eks 23:1) Amanga adluliselwa kwabanye angaba yingozi enkulu. Lapho ufuna ukuqonda ukuthi into ethile iyiqiniso yini, zibuze lokhu:
‘Ingabe umthombo wale ndaba uthembekile?’ Lowo oxoxa indaba angase angawazi wonke amaqiniso. Lapho abantu bexoxelana indaba ngokuhamba kwesikhathi iyashintsha, ngakho qaphela uma ungazi ukuthi ivela kubani. Ngenxa yokuthi abanamalungelo ebandleni bayimithombo ethembekile kufanele baqaphe nakakhulu lapho bedlulisela ulwazi olungaqinisekisiwe
‘Ingabe le ndaba inyundela othile?’ Uma leyo ndaba yehlisa isithunzi sothile noma seqembu elithile kuhle kakhulu ukungaxoxi ngayo.—IzA 18:8; Fil 4:8
‘Ingabe le ndaba iyakholakala?’ Qaphela lapho uzwa izindaba ezixoxwa ngendlela enehaba ezizwakala zijabulisa kakhulu noma zizimbi kakhulu
BUKELA IVIDIYO ETHI NGINGAYIGWEMA KANJANI INHLEBO? BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
NgokwezAga 12:18, amazwi angadala yiphi inkinga?
Incwadi yabaseFilipi 2:4 isisiza kanjani ukuba sibe nombono ofanele ngokukhuluma ngabanye abantu?
Yini okufanele siyenze lapho abanye beqala ukukhuluma kabi ngabanye?
Ngaphambi kokuba siqale ukukhuluma ngabanye, yimiphi imibuzo okufanele sizibuze yona?