AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | EKSODUSI 25-26
Into Ebaluleke Kakhulu Etabernakele
UMphongolo wawuyinto ebalulekile etabernakele nasekamu lakwa-Israyeli. Ukuba khona kukaNkulunkulu kwakumelelwa ifu elaliba phakathi kwamakherubi amabili ayephezu kwesembozo soMphongolo. Ngomkhosi waminyaka yonke woSuku Lwesihlawulelo, umpristi ophakeme wayengena eNgcwelengcwele afafaze igazi lenkunzi nelembuzi phambi koMphongolo ukuze ahlawulele izono zama-Israyeli. (Lev 16:14, 15) Lokhu kwakufanekisela ukungena kukaJesu, uMpristi Ophakeme, phambi kukaJehova ezulwini ukuze alethe inani eliphakeme lomhlatshelo wesihlengo.—Heb 9:24-26.
Hlobanisa le mibhalo elandelayo ngokwezinzuzo esizithola ngenxa yesihlengo:
IMIBHALO
IZINZUZO
ithemba lokuphila phakade
ukuthethelelwa kwezono
unembeza ohlanzekile
Yini esingayenza ukuze sithole lezi zinzuzo?