UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Phatha Abesifazane Abadala Njengomama, Abesifazane Abasebasha Njengodadewenu
ImiBhalo isitshela ukuthi siphathe amaKristu amadala njengomama nobaba bethu, siphathe abasebasha njengodadewethu nabafowethu. (Funda eyoku-1 Thimothewu 5:1, 2.) Abazalwane ngokukhethekile kudingeka babaphathe ngesizotha nangenhlonipho odadewethu.
Umzalwane akumelwe amnake ngokungafanele udade noma enze noma yini engamenza azizwe engakhululekile uma enaye. (Job 31:1) Umzalwane ongashadile akufanele adlale ngemizwa kadade ongashadile, enze sengathi ufuna ukuthandana naye.
Abadala kufanele babalalele ngomusa odade lapho bebuza imibuzo ngenhlonipho noma beveza okuthile okungase kudinge ukulungiswa. Abadala kufanele babacabangele ngokukhethekile labo abangenabo abayeni abazobavikela.—Rut 2:8, 9.
BUKANI IVIDIYO ETHI BONISA UTHANDO OLUNGAPHELI EBANDLENI—KUBAFELOKAZI NEZINTANDANE BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Ibandla labonisa kanjani ukuthi limthanda kakhulu uDadeweth’ uMyint?
Indlela ibandla elabonisa ngayo ukuthi liyamthanda kwaba kanjani yindlela enhle yokushumayela endaweni?
Indlela ibandla elabonisa ngayo ukuthi liyamthanda uDade Myint kwawathinta kanjani amadodakazi akhe?
Yiziphi izindlela eziwusizo ongabonisa ngazo ukuthi uyabathanda odadewenu ebandleni?