UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Umshado—Isibopho Esihlala Ukuphila Kwakho Konke
Umshado wamaKristu ophumelelayo udumisa uJehova futhi ujabulise indoda nomkayo. (Mar 10:9) Ukuze amaKristu abe nomshado ohlala njalo nojabulisayo kumele asebenzise izimiso zeBhayibheli lapho ekhetha umuntu azoshada naye.
Linda “kudlule ukuqhuma kobusha” ngaphambi kokuba uthandane nothile, okuyisikhathi lapho imizwa yocansi inamandla futhi ingathikameza ukwahlulela kwakho okuhle. (1Ko 7:36) Yisebenzise kahle iminyaka yakho yokungashadi ukuze uqinise ubuhlobo bakho noNkulunkulu futhi uthuthukise ubuntu bobuKristu. Ngaleyondlela, uyodlala indima enkulu ekwenzeni umshado wenu uphumelele.
Ngaphambi kokuba uvume ukushada, zinike isikhathi sokumazi kangcono ‘umuntu osithekile wenhliziyo.’ (1Pe 3:4) Uma kunezinto ezingabazisayo ezivelayo, khuluma nomuntu ozoshada naye. Njengoba kunjalo ngobuhlobo bobungane, emshadweni kufanele ugxile kakhulu kulokho ongakuletha kunalokho uzokuthola. (Flp 2:3, 4) Uma usebenzisa izimiso zeBhayibheli ngaphambi kokuba ushade, uyobe uzibekela isisekelo esihle sokuba nomshado ojabulisayo.
BUKELANI IVIDIYO ETHI UKULUNGISELELA UMSHADO-INGXENYE 3: ‘BALA IZINDLEKO’ BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Kwahamba kanjani ukuthandana kukadade noShane njengoba isikhathi sasiqhubeka?
Yini ayiqaphela njengoba babeqhubeka bethandana?
Abazali bakhe bamsiza kanjani futhi isiphi isinqumo esihlakaniphile asenza?