AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
Thola Induduzo KuJehova
U-Eliya wesaba futhi wabaleka ukuze asindise ukuphila kwakhe (1Kh 19:3, 4; w19.06 15-16 ¶5)
UJehova wamnika usizo ayeludinga, wambonisa namandla akhe amangalisayo (1Kh 19:5-7, 11, 12; ia 103 ¶13; 106 ¶21)
UJehova wamnika umsebenzi okwakufanele awenze (1Kh 19:15-18; ia 106 ¶22)
UJehova ukhuluma nathi namuhla ngeZwi lakhe iBhayibheli, usikhumbuza ukuthi uyasikhathalela ngempela futhi usinika nomsebenzi onenjongo enkonzweni yakhe.—1Ko 15:58; Kol 3:23.