YIBA UMSHUMAYELINOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Ongase Uxoxe Ngakho
UMKHANKASO WESIMEMO SESIKHUMBUZO (Mashi 11–Ephreli 4)
“Singathanda ukukumemela esenzakalweni esikhethekile esizothanyelwa izigidi zabantu. Kukhunjulwa ukufa kukaJesu.” Mnike isimemo noma umthumelele sona. “Lesi simemo sinesikhathi nendawo esizobe sihlangene kuyo. Sicela ukukumemela nasenkulumweni ekhethekile esizoba nayo ngesonto elingaphambi kweleSikhumbuzo.”
Uma Umninikhaya Elalela: Dlala [noma umthumele] ividiyo ethi Khumbula Ukufa KukaJesu.
Ngokuzayo: Kungani kwadingeka ukuba uJesu afe?
LAPHO NIXOXA OKOKUQALA (Mashi 1-10, Ephreli 5-30)
Umbuzo: Ungubani uJesu?
UmBhalo: Mat 16:16
Ngokuzayo: Kungani kwadingeka ukuba uJesu afe?
LAPHO UBUYELA KOXOXE NAYE
Umbuzo: Kungani kwadingeka ukuba uJesu afe?
UmBhalo: Mat 20:28
Ngokuzayo: Singabonisa kanjani ukuthi siyawazisa umhlatshelo wesihlengo sikaJesu?