UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Zibheke Ngendlela UJehova Akubheka Ngayo
“UJehova uyajabula ngabantu bakhe.” (Hu 149:4) Nakuba sinesono uyabubona ubuntu bethu obuhle nalokho esikwazi ukukwenza. Nokho, ngezinye izikhathi, kungase kube nzima ukuzibheka ngendlela uJehova asibheka ngayo. Singase sihlushwe ukuzenyeza ngenxa yendlela abanye abasiphatha ngayo. Kanti futhi uma sigxila emaphutheni ethu esikhathi esidlule, singase singabaze ukuthi uJehova usithanda ngempela. Yini engasisiza uma sizizwa ngaleyo ndlela?
Khumbula ukuthi uJehova ubona ngale kwalokho abantu abakubonayo. (1Sa 16:7) Okusho ukuthi ubona ngisho nalokho esingeke sikwazi ukukubona kithi. Siyabonga ngokuthi iBhayibheli liyasisiza siqonde indlela uJehova asibheka ngayo. Singakuqonda lokhu uma sihlola amavesi eBhayibheli nezindaba ezikulo ezibonisa indlela uJehova azithanda ngayo izikhonzi zakhe.
BUKELANI IVIDIYO ETHI KHOLISA INHLIZIYO YAKHO PHAMBI KUKAJEHOVA BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Umfanekiso womfana ongumgijimi noyise usifundisani ngendlela uJehova asibheka ngayo?
Uma umuntu enza isono esibi kakhulu bese ethatha izinyathelo ezidingekayo ukuze alungise ubuhlobo bakhe noJehova, angamqinisekisa kanjani uJehova ukuthi uphendukile?—1Jo 3:19, 20
Umzalwane wazuza kanjani ngokufunda nangokuzindla ngendaba kaDavide noJehoshafati?