Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb23 Septhemba k. 13
  • Siza Abantu Abangakholwa Bamazi UMdali Wabo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Siza Abantu Abangakholwa Bamazi UMdali Wabo
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusiza Abantu Abangasonti Nabangakholelwa KuNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Wasebenzise Ngendlela Enekhono Amathuluzi AseBhokisini Lethu Lamathuluzi Okufundisa
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
  • Imihlangano Yenkonzo Yasensimini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Ukufundisa Iqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
mwb23 Septhemba k. 13
Udade ushumayeza owesifazane wase-Asia.

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Siza Abantu Abangakholwa Bamazi UMdali Wabo

Ingabe kuke kwenzeke ukugweme ukufakaza kubantu abangakholwa ngoba ucabanga ukuthi ngeke balalele? Uma kunjalo, khumbula ukuthi abantu abangakholwa—okuhlanganisa nabantu ababethi akekho uNkulunkulu—manje sebengoFakazi BakaJehova. Ngokuvamile, ababekudinga nje usizo lokuhlola ubufakazi bokuthi uNkulunkulu ukhona.—Rom 1:20; 10:14.

BUKELANI IVIDIYO ETHI KHUMBULA—ABANTU ABANGENALO UKHOLO BANGABA NALO!—ABANTU ABANGASONTI BESE NIPHENDULA LO MBUZO OLANDELAYO:

Okwenzeka kuTommaso kukusiza kanjani ube nombono omuhle ngokufakaza kubantu abangakholwa?

Ungakwenza kanjani

Uma umuntu ethi akakholelwa kuNkulunkulu, yiba nomusa, ukucabange kahle ozokusho futhi ukulalelisise lokho akushoyo, ucabangele nemizwa yakhe. (2Ti 2:24) Xoxani ngezinto ezingamenza akulalele. Ingabe uyafuna yini ukuxoxa ngobufakazi obenze abaningi bakholelwa ukuthi ukhona uMdali? Uma kunjalo, sebenzisa izincwadi namavidiyo alungiselelwe izimo ezinjengalezo. Incwajana ethi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa? nethi The Origin of Life—Five Questions Worth Asking zifakiwe eBhokisini Lamathuluzi Okufundisa ukuze zitholakale kalula.

Ekuqaleni, ungase ungabaze ukuxoxa ngeqiniso nabantu abangakholelwa kuNkulunkulu. Kungani ungaceli usizo kummemezeli enesipiliyoni? Khumbula nokuthi uJehova angasisiza sifinyelele izinhliziyo zalabo abanesimo esihle sengqondo esiyobenza bathole ukuphila okuphakade—ngisho noma kungenzeka ekuqaleni babengakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona.—IzE 13:48.

Incwajana ethi “Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa?”
Incwajana ethi “The Origin of Life—Five Questions Worth Asking.”
    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela