Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w20 Febhuwari kk. 8-13
  • Simthanda Kakhulu UJehova UBaba Wethu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Simthanda Kakhulu UJehova UBaba Wethu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • HLALA USEDUZE NOJEHOVA
  • BONISA UTHANDO LWAKHO NGOKULALELA
  • SIZA ABANYE BATHANDE UBABA WETHU
  • THANDA UBABA WETHU FUTHI UJABULE
  • UJehova UBaba Wethu Usithanda Kakhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • Sondelana Nomndeni Wakho Ongokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • Hlala Useduze NoJehova
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Ukuthanda UJehova Nokumazisa Kuholela Ekubhapathizweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
w20 Febhuwari kk. 8-13

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 7

Simthanda Kakhulu UJehova UBaba Wethu

“Sinothando, ngoba yena wasithanda kuqala.”​—1 JOH. 4:19.

INGOMA 3 Ungamandla Nethemba Lethu, Sincike Kuwe

AMAZWIBELAa

1-2. Kungani uJehova asenzela indlela yokuba sibe amalungu omndeni wakhe, futhi lokho wakwenza kanjani?

UJEHOVA uye wasimema ukuba sibe ingxenye yomndeni wezikhonzi zakhe. Lesi isimemo esijabulisayo! Umndeni wethu wakhiwa abantu abazinikele kuNkulunkulu nabanokholo emhlatshelweni wesihlengo weNdodana yakhe. Umndeni wethu ungumndeni ojabulayo. Sijabulela ukuphila okunenjongo manje futhi siyajabula ngoba sinethemba lokuphila phakade—kungaba sezulwini noma emhlabeni oyiPharadesi.

2 UJehova wasivumela ukuba sibe yingxenye yomndeni wakhe ngoba esithanda ngempela. Kodwa ukuze akwenze lokho kwadingeka azidele kakhulu. (Joh. 3:16) ‘Sathengwa ngentengo.’ (1 Kor. 6:20) Ngenxa yesihlengo, uJehova wenza sakwazi ukuba nobuhlobo obuseduze naye. Sinelungelo lokubiza uMuntu omkhulu ezulwini nasemhlabeni ngokuthi uBaba wethu. Njengoba sixoxile esihlokweni esidlule, uJehova unguBaba ongcono kunabo bonke.

3. Yimiphi imibuzo esingazibuza yona? (Bheka nebhokisi elithi “Ungazi Kahle Yini UJehova?”)

3 Njengomunye umbhali weBhayibheli, nathi singase sizibuze: “Ngizombuyisela ngani uJehova ngazo zonke izinzuzo zakhe kimi?” (IHu. 116:12) Impendulo iwukuthi asisoze sakwazi ukumbuyisela lutho uBaba wethu wasezulwini. Kodwa indlela asithanda ngayo, isenza nathi simthande. Umphostoli uJohane wabhala: “Kepha thina, sinothando, ngoba yena wasithanda kuqala.” (1 Joh. 4:19) Yiziphi izindlela esingambonisa ngazo uBaba wethu wasezulwini ukuthi siyamthanda?

Ungazi Kahle Yini UJehova?

Wake wazibuza lo mbuzo: ‘Kubantu abaningi kangaka abaphila emhlabeni, kungani uJehova engaqaphela mina?’ Baningi abantu abaye bazibuza umbuzo ofanayo. INkosi uDavide yabhala: “O Jehova, uyini umuntu ukuba umqaphele, indodana yomuntu ofayo ukuba uyinake?” (IHu 144:3) UDavide wayeqiniseka ngokuthi uJehova umazi kahle. (1 IziKr. 17:16-18) NgeZwi lakhe nangenhlangano yakhe, uJehova uyakuqinisekisa ukuthi uyayibona indlela omthanda ngayo. Cabanga ngamanye amazwi aseZwini likaNkulunkulu angakusiza uqiniseke ngalokho:

  • UJehova wakwazi ngisho nangaphambi kokuba uzalwe.​—IHu. 139:16.

  • UJehova uyazi ukuthi yini esenhliziyweni yakho, wazi nokuthi yini oyicabangayo.​—1 IziKr. 28:9.

  • UJehova uyilalela mathupha yonke imithandazo yakho.​—IHu. 65:2.

  • Izinto ozenzayo ziyamthinta uJehova.​—IzAga 27:11.

  • UJehova ngokwakhe ukudonsele kuye.​—Joh. 6:44.

  • Uma ufa, uJehova ukwazi kangangokuba angakwazi ngisho nokukuvusa. Uzowakha kabusha umzimba wakho, abuyisele nengqondo yakho enezinkumbulo kanye nobuntu bakho.​—Joh. 11:21-26, 39-44; IzE. 24:15.

HLALA USEDUZE NOJEHOVA

4. Ngokwencwadi kaJakobe 4:8, kungani kufanele sizame ukusondela kuJehova?

4 UJehova ufuna sisondele kuye futhi sikhulume naye. (Funda uJakobe 4:8.) Usikhuthaza ukuba ‘siphikelele emthandazweni,’ yena uzohlale esilalela ngaso sonke isikhathi. (Roma 12:12) Uhlale ekulungele ukusilalela. Nathi sisuke simlalela lapho sifunda iZwi lakhe iBhayibheli kanye nezincwadi ezisisiza ukuba siliqonde. Siyamlalela nalapho silalelelisisa emihlanganweni yobuKristu. Njengoba ukuxhumana njalo kuzisiza izingane zisondelane nabazali bazo, nokuxhumana njalo noJehova kuyasisiza sihlale sisondelene naye.

5. Singayenza kanjani imithandazo yethu yamukeleke nakakhulu kuJehova?

5 Cabanga ngokuthi injani imithandazo yakho. UJehova ufuna sithulule izinhliziyo zethu kuye ngomthandazo. (IHu. 62:8) Senza kahle ngokuzibuza lo mbuzo: ‘Ingabe imithandazo yami imane ikha phezulu, ifane nomyalezo ophindaphindayo noma ifana nencwadi esuka enhliziyweni ebhalwe ngesandla?’ Akungabazeki ukuthi umthanda ngokujulile uJehova futhi ufuna ukugcina ubungane bakho naye buqinile. Ukuze ukwenze lokho, xhumana naye njalo. Mtshele indlela ozizwa ngayo. Mtshele ngezinto ezikujabulisayo nezinto ezikukhathazayo. Ungasabi ukucela usizo kuye.

6. Yini okufanele siyenze ukuze sihlale sisondelene noBaba wethu wasezulwini?

6 Ukuze sihlale sisondelene noBaba wethu wasezulwini kufanele sihlale simbonga njalo. Sivumelana nomhubi owabhala: “Ziningi izinto ozenzile, Jehova Nkulunkulu wami, ngisho nemisebenzi yakho emangalisayo nemicabango yakho kithi. Akekho noyedwa ongaqhathaniswa nawe. Ukube bengithambekele ekulandiseni nasekukhulumeni ngayo, isibé miningi kakhulu kunalokho engingase ngikulandise.” (IHu. 40:5) Asigcini nje ngokuba nomuzwa wokubonga, kodwa sibonisa ngezenzo nangamazwi ukuthi siyambonga uJehova. Lokhu kubonisa ukuthi sihlukile kubantu abaningi namuhla. Abantu abaningi namuhla abambongi uJehova ngalokho abenzela kona. Enye into ebonisa ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina” ukuthi abantu bayoba abangabongi. (2 Thim. 3:1, 2) Asifisi ukuba njalo!

7. Yini uJehova afuna siyenze, futhi kungani?

7 Abazali abafuni izingane zabo zixabane kodwa bafuna zibe abangane. Ngendlela efanayo, uJehova ufuna bonke abakhulekeli bakhe babe abangane. Empeleni, indlela esithandana ngayo ibonisa ukuthi singamaKristu angempela. (Joh. 13:35) Sivumelana nalokho umhubi akusho: “Yeka ukuthi kuhle futhi kumnandi kanjani ngabazalwane ukuba bahlale ndawonye ngobunye!” (IHu. 133:1) Lapho sibathanda abafowethu nodadewethu, sisuke sibonisa uJehova ukuthi siyamthanda. (1 Joh. 4:20) Akuve kujabulisa ukuba yingxenye yomndeni wabafowethu nodadewethu ‘abanomusa komunye nomunye, nobubele besisa’!—Efe. 4:32.

BONISA UTHANDO LWAKHO NGOKULALELA

8. Ngokwencwadi yoku-1 Johane 5:3, yisiphi isizathu esiyinhloko esenza silalele uJehova?

8 UJehova ufuna izingane zilalele abazali bazo, ufuna nathi simlalele. (Efe. 6:1) Uyakufanelekela ukuba simlalele ngoba unguMdali wethu, uMlondolozi wokuphila kwethu futhi uhlakaniphe ukwedlula noma yimuphi ubaba ongumuntu. Nokho, isizathu esiyinhloko esenza silalele uJehova ukuthi siyamthanda. (Funda eyoku-1 Johane 5:3.) Nakuba ziziningi izizathu zokuthi kungani kufanele silalele uJehova, akasiphoqi ukuba senze kanjalo. Wasinika inkululeko yokuzikhethela, ngakho uyajabula lapho sikhetha ukumlalela ngoba simthanda.

9-10. Kungani kubalulekile ukwazi imithetho kaNkulunkulu nokuphila ngayo?

9 Abazali bafuna izingane zabo ziphephe. Yingakho bebeka imithetho evikela izingane zabo. Lapho izingane ziyilalela leyo mithetho, zibonisa ukuthi ziyabethemba abazali bazo futhi ziyabahlonipha. Kubaluleke nakakhulu ukwazi nokulalela imithetho kaBaba wethu wasezulwini. Uma senza kanjalo, sibonisa uJehova ukuthi siyamthanda futhi siyamhlonipha kanti lokho kuphinde kuzuzise thina. (Isaya 48:17, 18) Ngokuphambene nalokhu, labo abenqaba uJehova nemithetho yakhe bagcina sebezilimaza bona.—Gal. 6:7, 8.

10 Lapho siphila ngendlela ejabulisa uJehova, siyavikeleka ekulimaleni ngokomzimba, ngokomzwelo noma ekulimazeni ubungane bethu naye. UJehova uyakwazi okusilungele. U-Aurora, ohlala e-United States, uthi: “Ngiyazi ukuthi lapho silalela uJehova ukuphila kwethu kuzohlale kuhamba kahle ngaso sonke isikhathi.” Lokho kuhlale kuyiqiniso. Wena uye wazuza kanjani ngokuhlale ulalela iziqondiso zikaJehova ezinothando?

11. Imithandazo isisiza kanjani?

11 Imithandazo isisiza ukuba silalele, ngisho noma kunzima ukwenza kanjalo. Ngezinye izikhathi akubi lula ukulalela uJehova kodwa kudingeka silwe kanzima ukuze simlalele. Umhubi wancenga uJehova wathi: “Ngenze ngiqonde, ukuze ngigcine umthetho wakho futhi ngiwugcine ngenhliziyo yonke.” (IHu. 119:34) UDenise, oyiphayona elivamile, uthi: “Lapho ngikuthola kunzima ukulalela owodwa wemiyalo kaJehova, ngiyathandaza ngicele amandla okwenza okulungile.” Singaqiniseka ngokuthi uJehova uyohlale ewuphendula umthandazo onjalo.—Luka 11:9-13.

SIZA ABANYE BATHANDE UBABA WETHU

12. Ngokweyabase-Efesu 5:1, yini okudingeka siyenze?

12 Funda eyabase-Efesu 5:1. “Njengabantwana abathandekayo” bakaJehova senza konke okusemandleni ethu ukuze simlingise. Siyamlingisa lapho sibonisa uthando, umusa nalapho sithethelela abanye. Lapho abantu abangamazi uNkulunkulu bebona indlela enhle esiziphatha ngayo, bangase bafise ukufunda okwengeziwe ngaye. (1 Pet. 2:12) Abazali abangamaKristu kudingeka baphathe izingane zabo ngendlela uJehova asiphatha ngayo. Lapho abazali belingisa uJehova, izingane zabo zingase zifise ukuba abangane naye.

13. Yini okudingeka siyenze ukuze sibe nesibindi?

13 Ingane encane iyaziqhenya ngoyise futhi iyakujabulela ukukhuluma ngaye. Ngendlela efanayo, nathi siyaziqhenya ngoBaba wethu wasezulwini uJehova, sifuna nabanye bamazi. Ezinhliziyweni zethu, sonke sizizwa njengeNkosi uDavide eyabhala: ‘Ngizoziqhayisa ngoJehova.’ (IHu. 34:2) Kodwa kuthiwani uma sinamahloni okukhuluma ngaye? Singaba kanjani nesibindi? Singaba nesibindi lapho sicabanga ngendlela uJehova ajabula ngayo lapho sikhuluma ngaye kwabanye nangendlela abanye abazuza ngayo ngokufunda ngaye. UJehova uzosinika isibindi esisidingayo. Wabasiza abafowethu bangekhulu lokuqala ukuba babe nesibindi futhi uzosisiza nathi.—1 Thes. 2:2.

14. Yiziphi ezinye izizathu ezenza kubaluleke ukwenza abantu babe abafundi?

14 UJehova akakhethi futhi uyajabula lapho ebona ukuthi siyabathanda abanye kungakhathaliseki ukuthi bavelaphi. (IzE. 10:34, 35) Enye indlela enhle kakhulu esingabonisa ngayo abanye ukuthi siyabathanda ukubaxoxela izindaba ezinhle. (Math. 28:19, 20) Lokhu kungaba namuphi umphumela? Labo abasilalelayo bangathuthukisa ukuphila kwabo kwamanje futhi babe nethemba lokuphila phakade ePharadesi.—1 Thim. 4:16.

THANDA UBABA WETHU FUTHI UJABULE

15-16. Yiziphi izizathu esinazo zokujabula?

15 UJehova ungumzali onothando, ngakho ufuna umndeni wakhe ujabule. (Isaya 65:14) Nakuba singase sibhekane nobunzima kodwa ziningi izizathu ezingasenza sijabule. Ngokwesibonelo, siyaqiniseka ngokuthi uBaba wethu wasezulwini usithanda ngempela. Sinolwazi olunembile ngeZwi likaNkulunkulu iBhayibheli. (Jer. 15:16) Siyingxenye yomndeni okhethekile wabantu abathanda uJehova, abathanda imithetho yakhe nabathandanayo.—IHu. 106:4, 5.

16 Singahlale sijabule ngoba siyazi ukuthi ukuphila kuzoba ngcono esikhathini esizayo. Siyazi ukuthi maduze uJehova uzoqeda bonke ububi futhi ngaphansi kokuqondisa koMbuso wakhe, umhlaba uzobuyiselwa ube iPharadesi. Sinanethemba elijabulisayo lokuthi labo abasemathuneni bazovuswa baphinde baphile, babe kanye nezihlobo zabo. (Joh. 5:28, 29) Kuyoba isikhathi esijabulisa ngempela leso! Okubaluleke nakakhulu, siyaqiniseka ukuthi maduze wonke umuntu ezulwini nasemhlabeni uzohlonipha, adumise futhi akhonze uBaba wethu onothando ngendlela emfanele.

KUNGANI UNOMUZWA WOKUTHI KUDINGEKA . . .

  • sithandaze njalo?

  • silalele uJehova?

  • sixoxele abanye ngoBaba wethu wasezulwini?

INGOMA 12 Nkulunkulu Omkhulu, Jehova

a Siyazi ukuthi uBaba wethu uJehova usithanda kakhulu futhi usenze saba yingxenye yomndeni wezikhonzi zakhe. Ngenxa yalokho, nathi siyamthanda. Singambonisa kanjani uBaba wethu ukuthi siyamthanda? Lesi sihloko sizoxoxa ngezinto ezingokoqobo esingazenza ukuze sibonise ukuthi siyamthanda.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela