Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp21 No. 1 kk. 3-4
  • Lokho Abantu Abakushoyo Ngokuthandaza

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lokho Abantu Abakushoyo Ngokuthandaza
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imithandazo Ephendulwayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Ingabe UNkulunkulu Uyayilalela Imithandazo Yakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Ingabe Ukuthandaza Kuyasiza?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
wp21 No. 1 kk. 3-4
Abantu ezingxenyezi ezahlukene zomhlaba bayathandaza futhi babheka kuNkulunkulu ukuze abaqondise.

Lokho Abantu Abakushoyo Ngokuthandaza

“Lapho ngithandaza, ngizwa sengathi uNkulunkulu useduze kwami, ungibambe ngesandla uyangiqondisa lapho ngizizwa ngilahlekile.”—uMARÍA.

“Umkami washona ngemva kokugula iminyaka engu-13 ephethwe isifo somdlavuza. Ngiyakhumbula ngithandaza kuNkulunkulu nsuku zonke futhi ngangizwa ukuthi uyangilalela lapho ngisezinhlungwini. Ngazizwa nginokuthula.”—uRAÚL.

“Umthandazo uyisipho esihle kakhulu uNkulunkulu asinikeze abantu.”—u-ARNE.

KuMaría, uRaúl no-Arne, nakwabanye abaningi, umthandazo uyisipho esikhethekile. Banomuzwa wokuthi ngomthandazo, bangakwazi ukukhuluma noNkulunkulu, bambonge, bacele nosizo lwakhe. Bayaqiniseka ukuthi lokho okushiwo yiBhayibheli mayelana nokuthandaza kuNkulunkulu kuyiqiniso: “Yilokhu esiqiniseka ngakho ngaye, ukuthi noma yini esiyicelayo evumelana nentando yakhe, uyasizwa.”—1 Johane 5:14.

Ngakolunye uhlangothi, abantu abaningi bakuthola kunzima ukukukholelwa lokho okushiwo yiBhayibheli ngomthandazo. USteve uchaza indlela ayezizwa ngayo ngokuthandaza: “Lapho ngineminyaka engu-17, abangane bami abathathu bashona ezingozini ezahlukene oyedwa washona engozini yemonto, ababili baminza olwandle.” Wenzani uSteve? Uthi: “Ukuze ngithole ukuthi kungani lokhu kwenzeka ngathandaza kuNkulunkulu, kodwa angizange ngizithole izimpendulo. Ngazibuza ukuthi pho ngithandazelani?” Kubonakala sengathi abantu abaningi lapho imithandazo yabo ingaphendulwa, babona singekho isidingo sokuthandaza.

Kunezinye izizathu ezenza abanye babone sengathi akubasizi ukuthandaza. Abanye bathi njengoba uNkulunkulu azi zonke izinto, uyazazi kakade izidingo zethu nezinkinga zethu, ngakho asikho isidingo sokumtshela ngalezi zinto.

Abanye bakholelwa ukuthi empeleni uNkulunkulu uyenqaba ukulalela imithandazo yabo ngenxa yamaphutha abawenza esikhathini esidlule. UJenny wathi: “Inkinga yami enkulu ukuthi ngizizwa ngingelutho. Kunezinto engazenza engizisola ngazo, ngakho ngazitshela ukuthi uNkulunkulu akufanele ayilalele imithandazo yami.”

Owesifazane esontweni uthandaza ebheke phezulu kuyilapho abanye begobise amakhanda lapho bethandaza.

Uzizwa kanjani ngokuthandaza? Uma kuwukuthi nawe wake wazibuza ukuthi umthandazo uyasiza yini, kungakududuza ukwazi ukuthi iBhayibheli linezimpendulo ezanelisayo mayelana nomthandazo. Singakwethemba lokho iBhayibheli elishoyo mayelana nomthandazo,a lingakusiza uthole izimpendulo zale mibuzo elandelayo:

  • Ingabe uNkulunkulu uyayizwa ngempela imithandazo yethu?

  • Kungani eminye imithandazo ingaphendulwa?

  • Ungathandaza kanjani ukuze uNkulunkulu akuzwe?

  • Kungakusiza kanjani ukuthandaza?

a IBhayibheli linemithandazo eminingi yezinceku zikaNkulunkulu kanye nemithandazo kaJesu Kristu. ImiBhalo yesiHebheru, evame ukubizwa ngokuthi iTestamente Elidala, inemithandazo engaphezu kuka-150.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela