Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp21 No. 1 kk. 8-9
  • Kungani UNkulunkulu Engayiphenduli Yonke Imithandazo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani UNkulunkulu Engayiphenduli Yonke Imithandazo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Ingabe UNkulunkulu Uyayilalela Imithandazo Yakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Umthandazo Uyilungelo Elikhethekile
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Indlela Yokuthola Usizo Ngomthandazo
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
wp21 No. 1 kk. 8-9

Kungani UNkulunkulu Engayiphenduli Yonke Imithandazo?

UBaba wethu osezulwini, uJehova uNkulunkulu, uzimisele futhi uyakujabulela ukulalela imithandazo yethu eqotho. Kodwa kunezinto ezingamvimba ukuba aphendule imithandazo yethu. Yiziphi lezo zinto, futhi yini okufanele siyikhumbule lapho sithandaza? Nakhu okunye iBhayibheli elisiyala ukuba sikwenze.

Iqembu labantu esontweni liphindaphinda umthandazo eliwufunda encwadini yemithandazo.

“Lapho uthandaza, ungaphindaphindi izinto ezifanayo.”—Mathewu 6:7.

UJehova akafuni siphindaphinde imithandazo esiyibambe ngekhanda noma siyifunde encwadini yomthandazo. Kunalokho, ufuna imithandazo yethu isuke enhliziyweni. Cabanga nje ukuthi bekungacasula kanjani ukube nsuku zonke lapho umngane wakho ekhuluma nawe ubengaphindaphinda amazwi afanayo. Abangane abahle bavulelana izifuba. Lapho sithandaza kubaba wethu osezulwnini ngamazwi ethu, sisuke simtshela lokho esikucabangayo.

Indoda ibuka phezulu njengoba ihlikihla ithikithi layo lelotho.

“Uma nicela, anitholi ngoba nicela ngenjongo embi.”—Jakobe 4:3.

Besingeke silindele ukuba uNkulunkulu aphendule imithandazo yethu uma sicela izinto esazi kahle ukuthi akafuni sizenze noma sibe nazo. Ngokwesibonelo, uJehova ubengamnika yini umuntu ogembulayo inhlanhla ebe esixwayise kahle ngokuhaha nangokukholelwa enhlanhleni? (Isaya 65:11; Luka 12:15) Ngeke neze silindele ukuba uJehova aphendule imithandazo enjalo! Ukuze uNkulunkulu aphendule imthandazo yethu, kumelwe siqiniseke ukuthi esikucelayo kuyavumelana nalokho asitshela khona eBhayibhelini.

Umfundisi uthandazela iqembu lamasosha.

“Owenqaba ukulalela umthetho—ngisho nomthandazo wakhe uyinto enengekayo.”—Izaga 28:9.

Ngezikhathi zeBhayibheli, uNkulunkulu akazange ayiphendule imithandazo yalabo ababengayilaleli imithetho yakhe elungile. (Isaya 1:15, 16) Indlela azizwa ngayo ayikakashintshi. (Malaki 3:6) Uma sifuna uNkulunkulu aphendule imithandazo yethu, kumelwe senze konke esingakwenza ukuze siphile ngokuvumelana nemithetho yakhe. Kodwa kuthiwani, uma esikhathini esidlule senza izinto ezingalungile? Ingabe lokho kusho ukuthi uJehova akasoze asilalela? Akunjalo neze! Ngothando uNkulunkulu uyosithethelela uma sishintsha ukuphila kwethu bese senza konke okusemandleni ukuze simjabulise.—Izenzo 3:19.

“Lowo oza kuNkulunkulu kumelwe akholelwe ukuthi ukhona nokuthi uyabavuza labo abamfuna ngobuqotho.”—Hebheru 11:6.

Owesifakazane ufunda iBhayibheli.

Umthandazo awuyona nje into yokusenza sizizwe kangcono lapho sikhathazekile noma sicindezelekile. Uyindlela esibonisa ngayo ukholo lwethu nendlela esikhonza ngayo uNkulunkulu. Umfundi uJakobe uthi uma ‘singaqhubeki sicela ngokholo,’ ngakho ‘akufanele silindele ukuthola okuthile kuJehova.’ (Jakobe 1:6, 7) Ukuze sibe nokholo kuNkulunkulu, kufanele sizinikeze isikhathi senze nomzamo wokumazi ngokutadisha iBhayibheli. Ukwenza kanjalo kuyosisiza sazi intando yakhe futhi sithandaze ngokuqiniseka.

UNGAPHELI AMANDLA!

Nakuba uNkulunkulu engayiphenduli yonke imithandazo, uyayilalela futhi ayiphendule imithandazo eqotho eyenziwa izigidi zabantu. IBhayibheli likutshela izinyathelo ongazithatha ukuze imthandazo yakho imjabulise uNkulunkulu. Isihloko esilandelayo sizokuchaza lokho.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela